BAZOBOSHWA iminyaka emihlanu noma bakhokhe inhlawulo engafika kuR200 000 abazonikelela abazongenela ukhetho ngokuzimela, amaqembu ezepolitiki noma amalungu amaqembu ngoba befuna ukuthola amathenda.
Lokhu kuqukethwe ezichibiyelweni zomthetho wezokhetho kuleli njengoba kubhekwe okhethweni ngonyaka ozayo.
Okunye okuqukethwe ngukuthi abangenele ukhetho ngokuzimela kumele badalule ababaxhasa ngemali, njengoba kwenzeka emaqenjini ezepolitiki.
Umeluleki wezomthetho eMnyangweni wezaseKhaya, u-Adv Phelelani Khumalo, utshele ikomiti lezasekhaya nelezokuphepha nezobulungiswa ePhalamende ukuthi kuzoba yicala ukunikela ngoba ufuna ukuzuza okuthile kuhulumeni.
Uthe kuqiniswa imigomo ukuvimba inkohlakalo ngaphambi kokhetho.
“UMthethosivivinywa wezokhetho uyacacisa ukuthi kuyicala ukunikela ngoba ufuna ukuzuza okuthile. Ungagwetshwa noma ukhokhe inhlawulo ngokwenza lokhu. Ikhomishini eyayiphenya ngokuLawulwa koMbuso yiDlanzana kaJaji Zondo, yaphakamisa ukuthi kumele kunqandwe labo abanikela ngoba bebheke ukuzuza okuthile.”
UKhumalo uthe ukuze ugwetshwe wuMbuso kudingeka uveze ubufakazi bokuthi ubunikela ngoba kukhona okubhekile.
Uthe okunye okuqukethwe ngukuthi ikhomishini yezokhetho inikwe amandla okuthi inqabe umnikelo uma isola ukuthi imali itholakale ngezenzo zobugebengu.
“Ikhomishini inikwe amandla okunquma indlela ezoyisebenzisa ukunquma ngemali okumele itholwe abangenele ukhetho ngokuzimela. Kuze kube nalezi zinguquko nje, yingenxa yokuthi iNew Nation Movement yaya enkantolo ifuna abangenela ukhetho ngokuzimela babe yingxenye yokhetho lukazwelonke.”
IPhini likaNgqongqoshe lezaseKhaya, uMnuz Njabulo Nzuza, lithe akukanqunywa ngodaba lwama-signature adingekayo emaqenjini amasha azongenela ukhetho.
Odabeni lweminikelo uNzuza uthe kuzanywa ukunqanda inkohlakalo kulabo abanikela ngoba bebheke okuthile.
Usho lokhu nje, iNkantolo yoMthethosisekelo inqume ukuthi kumele kwehliswe isibalo sama-signature kwabangenela ukhetho ngokuzimela uma sebengenela ukhetho.
Le nkantolo ayidalulanga lutho mayelana namaqembu angamelelekile ePhalamende ukuthi wona kusadingeka yini ukuthi athole phakathi kwama-signature angu-10 000 kuya ku-14 000, ukungenela ukhetho.
Kulo mhlangano kuvele ukuthi ngonyaka ozayo umphakathi uzonikwa ithuba lokuphawula ngaphambi kokuba uye eMkhandlwini weziFundazwe ePhalamende lapho kuzobe sekushayelelwa isipikili sokugcina ngaphambi kokhetho.