UNGOTI wezomthetho uveza ukuthi, impilo ku-Adv Malesela Teffo isazoba nzima kakhulu ngokomsebenzi njengoba ebhekene namacala athanda ukuba bucayi. UTeffo uboshiwe izolo ngamacala enkohlakalo, elokungena lapho okungamele angene khona kanjalo nelokushaya.
Kuzokhumbuleka ukuthi uTeffo owaduma kakhulu ngecala lokufa kukaSenzo Meyiwa, useke walandwa phakathi enkantolo nokuyinto engajwayelekile. Ngemuva kwalokhu, wamiswa ekutheni enze umsebenzi wobumeli.
Isolezwe Online lithinte ungoti kwezomthetho, u-Adv Mpumelelo Zikalala, ngalesi simo esibhekene noTeffo. UZikalala uqale ngokuthi, okwamanje uTeffo umsulwa kuze kube inkantolo imthola enecala.
Uthe kuyiqiniso ukuthi kuzoba nzima kakhulu ukusebenza kuTeffo njengoba ebhekene namacala nje.
“Okokuqala; kuzokuba nzima ngisho ukuthola abantu azobamela. Uzosithola kuphi isikhathi sokumela omunye umuntu kwayena ehamba amacala akhe? Ngeke kube lula ukusebenza uma ukulesi simo,” kuchaza uZikalala.
Mayelana nokuthi uMnuz Sifiso Meyiwa wamcela ukuthi ambhekele okwenzeka enkantolo, uthe lokho akunankinga noma esamisiwe ukwenza umsebenzi wobumeli kodwa lokho angaqhubeka akwenze.
UTeffo kulindeleke ukuthi abingelele inkantolo ePitoli kusasa ngamacala abekwe wona.