UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthi akuwona wonke amalungu e-ANC azojabula uma uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, eseshintsha abanye ongqongqoshe.
URamaphosa kulindeleke ukuthi ashintshe abanye bongqongqoshe kulandela imiphumela yengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ebingonyaka owedlule.
Ukukhethelwa kukaMbalula kwesikanobhala jikelele kule ngqungquthela kusho ukuthi kufanele ashiye kwesokuba uNgqongqoshe wezokuThutha, nokusho ukuthi kunesikhala esizovuleka kwiKhabhinethi.
Abanye ongqongqoshe kulindeleke ukuthi bakhishwe ezikhundleni kulandela ukwehluleka kwabo ukukhethelwa esigungwini esiphezulu se-ANC.
Kuvele kusekhona isikhala esingazange sivalwe kulandela ukusula kukaNksz Ayanda Dlodlo, owayengungqongqoshe weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha.
UMbalula uthe lesi simo siyamphoqa uRamaphosa ukuthi enze izinguquko kwiKhabhinethi lakhe, kodwa wanxusa ukuba uRamaphosa angaxinwa.
UMbalula uthe udinga isikhathi sokucubungula kahle izinguquko azozenza.
“Kufanele ukuthi kube khona izinguquko ezenziwayo njengoba siphuma kwingqungquthela yokukhetha ubuholi. Kuvele bekunesikhala ngaphambi kokuthi siye kuyona. Umengameli kufanele ayicabange le yokwenza izinguquko. Njengamanje ayikho inkinga ekhona ngoba akuphazamisekile ukusebenza kukahulumeni. Umengameli kufanele anikezwe ithuba lokubonisana nobuholi be-ANC, bese enza izinguquko.”
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngamalungiselelo omcimbi wokugubha iminyaka engu-111 kwasungulwa i-ANC.
Yize uMbalula ethe abafuni ukugxambukela kakhulu ezinguqukweni ezizothathwa wuRamaphosa, uthe bafuna kufakwe kakhulu abantu abasha uma sekushintshwa ongqongqoshe.
“Asibafuni abantu abazokuya kolala. Sifuna abantu abazosebenza. Asikho isikhathi sokulala.”
Kubukeka abanye bongqongqoshe abadala bengase badliwe izembe. Mumva nje kuke kwasabalala uhlu longqongqoshe abazoshintshwa kepha i-ANC yaluchitha loluhlu.
Ngokwalolu luhlu, phakathi kongqongqoshe abazoshintshwa kubalwa uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uNgqongqoshe wezokuVakasha, uNksz Lindiwe Sisulu noNgqongqoshe wezeMidlalo, uMnuz Nathi Mthethwa.
Ngaphambi kwengqungquthela, uDkt Dlamini Zuma noNksz Sisulu, baphumela obala bazwakalisa ukungenami ngobuholi bukaRamaphosa.