I-Africa’s Travel Indaba isiphenduke umbukiso ohlonishwa kakhulu kwezokungcebeleka kanye nezokuvakasha okhombisa inhlobonhlobo ebanzi kakhulu yemikhiqizo yezokuvakasha yase-Afrika ehamba phambili kanye nolwazi emhlabeni.
Sinesiqiniseko sokuthi iKwaZulu-Natal izophinde ibeke unyawo lwayo phambili futhi isingathe enye i-Africa’s Tourism Indaba encomekayo.
Sinezindaba eziningi ezithokozisayo esingabelana ngazo nabalingani bethu bohwebo bamazwe ngamazwe abazohambela i-Africa's Travel Indaba yalo nyaka.
Sinxusa zonke izithunywa ukuba zivakashele isitendi seTourism KwaZulu-Natal kuDEC1.G37
Njengohulumeni waKwaZulu-Natal, sifuna izithunywa zamazwe ngamazwe zibuyele emakhaya zazi ukuthi isifundazwe sethu sizishaya isifuba ngensada yemikhiqizo nemisebenzi yezokuvakasha. Isifundazwe sethu esihle kakhulu, siyindawo ephephile enokuhlangenwe nakho okuhlukahlukene kwezokuvakasha ongakwenza, ukuthengise uphinde ukupakishele amaklayenti akho uma ubuyela ekhaya.
Uma sewufikile KwaZulu-Natal, siyethemba ukuthi uzozinika isikhathi sokuzibonela imikhiqizo yethu yezokuvakasha, izindawo zokudlela, ukudla, impilo yasebusuku, isimo sezulu esimnandi, abantu abanomoya wokungenisa izihambi kanye nomlando onothile kanye namasiko.