UNGQONGQOSHE wezikaGesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa wethule umbiko wamasonto onke ngokwenzeka enkampanini i-Eskom.
URamokgopa ukhale ngokuhluleka komasipala njengoba eveze ukuthi yiningi imali abayikweleta i-Eskom futhi bebehlukela nokulungisa ingqalasizinda kagesi.
Ukungalungiswa kwenqalasizinda yikona okulimaza imiphakathi eminingi ehlala ngobumnyama isikhathi eside uma kuke kwalimala ugesi. Kuthiwa ukulungiswa kwengqalasizinda kagesi kusalele emuva ngoR2.5 billion.
Omasipala bakweleta i-Eskom uR63.2 billion. Lokhu kuphazamisa izinhlelo ze-Eskom zokuthuthukisa ingqalasizinda nokusabalalisa ugesi.
Lo ngqongqoshe wenze isibonelo ngendawo yaseVaal lapho okufe khona ama-transformer awu-680, i-Eskom ilungise awu-367. Awu-33 kwalungisiwe asephinde aba nenkinga efanayo. Lokhu kusho ukuthi i-Eskom ichitha imali eningi ilungisa ingqalasizinda endaweni eyodwa.
URamokgopa uthi bazosebenzisana neSouth African Local Government Association noMnyango wezeziMali ukuqinisekisa ukuthi kulungiswa ingqalasizinda kagesi. Uthi bakhuluma nozakwabo baseNamibia ukuze iNingizimu Afrika ithole ugesi owu-400MW.
Ugesi okhona uwu-60% noma ungaphezulu kuka-28 000MW. Ukuba khona kukagesi kusho ukuthi ugesi uzonqamuka ngokwezigaba eziphansi. URamokgopa uthi ukuba khona kukagesi omningi ezweni kusho ukuthi bathola ithuba lokulungisa imishini yabo ephehla ugesi.