SLINDILE KHANYILE
‘M INA ngizozihambela ngoba abafiki, ngifakeleni izimpahla emotweni.” Lona ngumsunguli nomholi weNational Freedom Party (NFP) uNkk Zanele KaMagwaza-Msibi ekhuluma nabanye babasebenzi bakhe emzini wakhe ogudle ulwandle eThekwini.
Ukhuluma nje usho uyalunga ngempela, ubuza izikhiye, phathaphatha yayiduma njalo imoto yayihamba ngoba uphuthuma ibhanoyi esikhumulweni sezindiza. Uthi esanda kuphuma nje egcekeni, baqhamuke abashayeli bakhe kodwa akami kunalokho uyashushuluza, baphoqeleke ukumhubha bemlandela esho eyosithela.
Ukugcina ekhethe ukuzihambela ngoba ebona ukuthi uyabambazeleka ngenye yezindlela ekhombisa ukuthi uKaMagwaza-Msibi ukhuthele kangakanani futhi akanqeni ukuzibambela ukuze umsebenzi uqhubeke. Indlela asebenza ngayo, kunzima nokuthi akhumbule kahle ukuthi wagcina nina ukuphekela umndeni wakhe.
“Ngigcine ukubabona ekhaya emasontweni amabili adlule kodwa angiphekanga ngoba ngafika ebusuku futhi ngavuka ngahamba ekuseni kakhulu. Ngimatasa kusukela manje kuyoze kube nguMeyi 7 (usuku lokhetho) kodwa nakanjani ngizobe ngikhona ekhaya ngo-Ephreli 15 ngoba ngusuku lokuzalwa lomyeni wami, kumele ngibe khona,” kusho lo mholi ehleka kancane.
Njalo uma ekhuluma ngomyeni wakhe, uMnuz Mandla Msibi, ubuso bakhe buyachachamba.
“Angazi futhi ngangingenze njani ukube anginaye umyeni ofana naye. Ngiyambonga ngempela uNkulunkulu ngaye ngoba kunzima ukuthi usebenze ngale ndlela engisebenza ngayo, ungabi bikho ekhaya isikhathi esiningi kodwa uyangeseka, uyangithanda futhi ungumeluleki wami. Uma sengixakekile ngezinye izinto, ngiyamfonela, ngicele iseluleko sakhe,” kusho uKaMagwaza-Msibi.
Yize umuntu uma oganile eqondene nomyeni wakhe kodwa umakoti ungowasemzini wakhe futhi kukhona nabantwana abadinga umama wabo, kungabe nabo bayawuqonda futhi bayawamukela umsebenzi kamalokazana nomama wabo?
“Abantwana bami sebekhulile manje kodwa kwakunzima besakhula ngoba ngangingakwazi ukuya ezintweni zabo zesikole futhi kwakungesikho ukuthi ngiphuthwa yizinto ezimbalwa, ngangingabi bikho kuzona zonke. Ngiyambonga uNkulunkulu ngoba bakhulile futhi akubakhubazanga lokho. Ngiyabathanda futhi uma ngikhona ngiyabatotosa ngenzela ukuvala lesi sikhathi engingabi bikho ngaso ekhaya. Bayangeseka kakhulu kodwa angiboni ukhona kubona ofisa ukungena kwipolitiki, banele ngokubona umama wabo.
“Nabasemzini bayangeseka bonke ngisho umamezala wami ngoba yena usaphila. Kubi khona ukuba nomuntu onjengami kodwa ngihlale ngihlukanisa uZanele umholi, uZanele imeya. Uma sengisekhaya ngiba ngunkosikazi, ngiyazishuqulela, ngiyahlonipha futhi ngenza konke okulindeleke kimi njengomama.
“Ngiyinhlobo engakholelwa ekutheni siyalingana ekhaya. Yebo, emsebenzini siyalingana futhi amadoda engiwaphethe kumele angithobele kodwa ekhaya angisiyo imeya, angisiye umholi, ngiwumama nje. Umyeni wami uyalithanda itiye, uliphuza ngo-4 ekuseni uma evuka futhi uma ngikhona ngiyamenzela, kumele kubonakale uma ngikhona ngisho ngabe kuthiwa itiye ulicela ngo-2 ekuseni, ngiyalenza futhi kuyangijabulisa lokho.”
Noma ekade nje agcina ukuphekela umndeni wakhe kodwa wazi kahle kamhlophe ukuthi yikuphi ukudla okuthandwa ngumyeni wakhe futhi uzishaya isifuba ngokuthi uyaboniswa ebhodweni.
Uthi umyeni wakhe uzifela ngenyama ikakhulukazi eyesiklabhu neyosiwe. Nakuba ezigqaja ngokuyazi imisebenzi elindeleke kumakoti kodwa kukhona okukodwa okumhlulayo.
“Kuyangihlula ukwenza utshwala besizulu. Ngake ngabenza umama wami esaphila, ngamfonela, wangichazela ukuthi angenze njani, ngabubilisa ngaze ngabukhama, ngabubeka phambi kwabantu kodwa akekho noyedwa owabuphuza. Ngafonela umama ngimtshela wathi kusho ukuthi buyababa. Angiboni ukuthi ngisazokufunda, sengazitshela ukuthi uma ngidinga ukugaya utshwala kumele ngithole umuntu ozongisiza,” kusho le Meya yaseZulululand.
Ukusebenza ngokuzikhandla ngezinye zezinto ahlonishelwa zona uKaMagwaza-Msibi futhi bonke abake basebenza naye bayamncoma ngokukhuthala kwakhe. Uhlale esebenza kanti njengoba kuyiwa okhethweni nje, usebenza kakhulu njengoba ethi uke abe nemihlangano engu-16 ngosuku ololudwa.
Yini emsizayo ukumelana nengcindezi yomsebenzi wakhe futhi uwuthathaphi lo mdlandla ongaka?
“Ngiphila ngomkhuleko, izolo (ngoMsombuluko) besinomkhuleko oLundi sikhulekela ukhetho olunokuthula ngoba indawo yaseMahlabathini ingenye yezindawo okungasebenzeki kalula kuzona. Uma livela ithuba ngike ngiye kwi-sauna, ngiyahamba ngiyobhucunga nomzimba futhi nomyeni wami uhlale ekhona ukungeseka nokungisiza uma nginento engidinga ukuyikhuluma.
“Nasenhlanganweni yami nginabantu abangesekayo, sonke siyazi ukuthi singaxoxa nanoma yini ocingweni uma sidingana futhi ngiyathetha uma ngingabatholi. Ngiyazi ukuthi ngingabafonela noma yingasikhathi sini.”
Kukho konke lokhu kubamatasa kwakhe kodwa uyaqinisekisa ukuthi uhlale emuhle, ikhanda lakhe lihlale licwalwe kahle kanjalo nezinzipho zakhe. Nemisiko yakhe, kuyacaca ukuthi kusuke kuhleliwe, akuvele nje kudonswe noma yini.
“Nginabantu abafikayo noma ngabe yisikhathi sini njalo emuva kwamasonto amabili bezongilungisa ikhanda nezinzipho. Ngisho ngabe kuthiwa yisebusuku, siyahlala nabo, bengilungisa. Izimpahla zokugqoka, nakhona nginabantu ababili abangithungelayo, omunye ungithungela imvunulo kanti omunye ungenzela izimpahla nje ezijwayelekile, ngiyamtshela nje ngithi ngelanga eliwukuthi ngizobe ngisendaweni ethile, ngidinga into yokugqoka, uyayiletha futhi ifike ingilingane kahle. Anginaso isikhathi sokuyothenga ezitolo, kuze kube ngcono uma ngiseholidini phesheya ngoba ngiyakwazi ukuthenga ngokukhululeka, kungekho onginakile. Ngiyathanda ukugqoka kahle.”
Ngaphambi kokungena kwipolitiki, uKaMagwaza-Msibi wayenguthisha njengoba agcina enguthishanhloko ezikoleni ezahlukene esifundazweni. Yize ewuthokozela umsebenzi wakhe wokuba ngumholi ngoba uthi ukusiza abantu yiyona nto emgqugquzelayo empilweni kodwa uyavuma ukuthi uke ayikhumbule impilo yakhe ‘yakudala’ lapho wayengadumile, ezifanela nje nomama bonke.
“Ngiyakukhumbula lokho ukukwazi ukuzihlalela nje nomyeni wami, siye olwandle. Manje uma sifuna ukushaywa ngumoya sekumele angikhiphele kwelinye izwe nokuyinto esiyenzayo okungenani kanye ngonyaka. Ngiyakukhumbula ukuzihlalela nje nabantwana bami, ngibe wuZanele ngizidlalele nabo.”
Njengoba kubonakala nje ngombala weNFP, uKaMagwaza-Msibi uyawuthanda umbala o-orange kanti omunye awuthandayo ngobomvu.
Akanaso isikhathi sokubuka ithelevishini kodwa uthi uyasithandai Sibaya afakwa kusona ngumzukulu wakhe kanti kusona ukhonze uNomzamo Mbatha (Thandeka Zungu).
Ngenxa yokuphoxwa ngumuntu ayemthanda futhi emkhonzile kwipolitiki, akanaye umuntu abukela kuyena kwezombusazwe ngoba uthi abantu kulo mkhakha abathembekile futhi bayashintsha. Kodwa unaye umngani wakhe oyedwa akhule naye futhi amethemba ngayo yonke into, nokho akathandanga ukumdalula.
Ukube akaphelelanga kwipolitiki uthi wayeyoba ngumculi we-gospel.