KULINDELEKE ukuthi zivele namuhla enkantolo izitshudeni ezintathu zasenyuvesi iDurban University of Technology (DUT) eziboshwe emva kokuphula umthetho wenkantolo nokusabisa ngoLwesibili ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-21 kuya ku-23 baboshiwe.
“Kukholakala ukuthi abasolwa basabise nabashayeli bamabhasi akule nyuvesi. Amaphoyisa abe esengenelela ngenkathi lokhu kwenzeka. Abasolwa bazovela enkantolo yeMantshi yaseThekwini (kusasa) namhlanje,” kusho uCapt Gwala.
Le nyuvesi ikhiphe isitatimende ixwayisa izitshudeni nabasebenzi bale nyuvesi ngokupaka izimoto kule nyuvesi emva kokuthi kushiswe imoto yesitshudeni ngoLwesibili ebusuku.
“Izolo ebusuku, ophikweni iSteve Biko, ababhikishi bashise imoto yomfundi wePhD. Abasolwa badlule konogada benza sengathi bayofunda emtapweni wolwazi okulesi sikhungo. Sixwayisa abasebenzi kanye nabafundi ukuthi bangazipaki izimoto zabo kulesi sikhungo ubusuku bonke.”
Lesi sehlo silandela umbhikisho wezitshudeni obukule nyuvesi lapho izitshudeni bezikhala ngezidingo zazo okubalwa izibonelelo zokudla, ukuphepha kwezitshudeni kule nyuvesi nokunye.
I-DUT ithe yenza imizamo yokuxazulula izikhalo eziphakanyiswe izitshudeni.
“Ngemuva kwemizamo eminingana kubalwa nomhlangano ohlulekile wangoMsombuluko le nyuvesi igcine ikwazile ukuhlela omunye umhlangano phakathi komkhandlu wezitshudeni nenhloko eyengamele izitshudeni kule nyuvesi namhlanje (izolo). Siyethemba kuzoba nempumelelo ukuze kuxazululwe izikhalo eziphakanyisiwe,” kusho isitatimende.
Ibamba likaMengameli womkhandlu wezitshudeni uPhumlani Sithole, lithe kusazoba nomunye umhlangano namhlanje lapho kuzoqhubeka kudingidwe izikhalo zezitshudeni.
“Emhlanganweni esibe nawo nenhloko eyengamele izitshudeni asikwazanga ukuthola izimpendulo eziningi kwesikhala ngakho, sibe sezivumelana nenhloko ukuthi kumele sihlangane nomphathi wenyuvesi ngoba uye ongaba nezimpendulo,” kusho uPhumlani.
Uthe umkhandlu wezitshudeni uzofaka isicelo sokuhlangana nomphathi wakule nyuvesi ngokusemthethweni.
Khonamanjalo, zishise ibhilidi lokufundela izitshudeni ebezibhikisha esikhungweni semfundo ephakeme University of KwaZulu-Natal (UKZN), izolo.
UCapt Gwala uthe izitshudeni zasophikweni iWestville ezibalelwa ku-500 ziphazamise ukufunda ngombhikisho.
Okhulumela le nyuvesi uMnuz Ashton Bodrick uthe abaphathi bale nyuvesi ngeke babekezelele udlame, ukulinyazwa kwempahla, nokusatshiswa kwabafundi nabasebenzi.
“Kuvulwe icala lokudala udlame emphakathini futhi sibuyekeza i-video yezehlakalo zodlame ezenzeke ngesikhathi kuqhubeka lo mbhikisho. Lokhu kuzosiza iSAPS nonogada ukubamba bonke labo abatholakala bethinteka kulobu bugebengu,” kusho uBodrick.
NgoLwesibili izitshudeni zakule nyuvesi zingenele umbhikisho zikhala ngezibonelelo zeNSFAS, izindawo zokuhlala izitshudeni ezingekho esimeni nokuphepha ezindaweni ezihlala izitshudeni.
UNobhala womkhandlu wezitshudeni uSiyabonga Khumalo, uthe umbhikisho uzoqhubeka uma le nyuvesi ingafuni ukulalela izikhalo zabafundi.
“Into esikhala ngayo kakhulu ukuthi le nyuvesi ibavalela ngaphandle abafundi uma befeyile isifundo esisodwa noma ezimbili, uma yenze njalo ithi asifundephi? Thina sifuna uphele lowo mthetho,” kusho uSiyabonga Khumalo.
UBodrick uthe le nyuvesi ixoxa nomkhandlu wezitshudeni ukuxazulula izikhalo zazo.