BONISWA MOHALE
SEKUVALWE amanye amabhishi eThekwini emuva kokuthi ucwaningo lwamanzi luthole ukuthi anegciwane elibizwa nge-e-coli.
SEKUVALWE amanye amabhishi eThekwini emuva kokuthi ucwaningo lwamanzi luthole ukuthi anegciwane elibizwa nge-e-coli.
Ngempelasonto uMasipala weTheku uthe uthathe isinqumo sokuvala la mabhishi alandelayo: iBrighton, Ansteys, Point, Ushaka, Addington, South, Wedge, North, Bay of Plenty, Battery, Country Club Thekwini, Laguna, Baggies neReunion ukuvikela impilo yabantu.
Amabhishi abevele evaliwe okuwuMdloti; Westbrooke neBronze enyakatho yeTheku nawo asavaliwe.
UMnuz Msawakhe Mayisela, okhulumela uMasipala weTheku, uthe umasipala uvale amabhishi emuva kokuhlola izinga legciwane elibizwa nge-e-coli.
Uthe umasipala uwahlola njalo amanzi emabhishi ukuze athathe izinqumo zokuwavula noma ukuwavala ebhekelela impilo yabantu.
Uveze ukuthi njengoba amabhishi evaliwe kusho ukuthi akuvumelekile ukubhukuda nokudoba.
Yize kunamabhishi avaliwe kodwa uMayisela uthe akhona amabhishi avuliwe lapho abantu bengaqhubeka bayozithokozisa khona nemindeni yabo okuyiToti, Pipeline, Warner, Winklespruit noMgababa.
Khonamanjalo ngempelasonto iDA ibivakashele amabhishi aseThekwini ukuyohlola isimo.
Kulindeleke ukuthi idedele umbiko wayo ngekutholile maduzane njengoba ikhala ngokuthi ukuvalwa kwamabhishi kulimaza ezokuvakasha nabantu abancike kulo mkhakha abadayisela izivakashi impahla ehlukene emabhishi.
Iveze nokuthi abadobi abasakwazi ukuziphilisa kahle ngenxa yokuthi abasenawo amabhishi anele okudoba.