BAKHUNGATHEKILE abahlali baseMlaza kwa-U, ngemuva kokutholakala kwedamu legazi endlini yowesilisa otshele umngani wakhe ukuthi ubulale intombi yakhe wayolahla isidumbu sayo emhosheni.
Izolo amaphoyisa aseMlaza ehambisana nasebenza ngezinja (K9) bagasele kulo muzi okuhlala kuwo abantu abaqashile beyothungatha lo wesifazane.
Indlu okuqashe kuyo umsolwa bekugcwele igazi namaphoyisa eseyivalile indawo yesigameko ukuba kungasondeli muntu.
Omakhelwane bese begcwele endaweni yesigameko bezozibonela bebeshaqekile. “Igazi esilibonile, kuyacaca ukuthi akekho lo muntu njengoba ligcwele indlu yonke. Konke okusendlini kunegazi ngisho nesipuni imbala. Kuyethusa lokhu ngoba lo mfana uzivumele yena kumngani wakhe abahlala naye ukuthi usebulele intombi kodwa kuze kube manje asikho isidumbu esitholakalayo,” kusho umakhelwane ocele ukungadalulwa.
Okucasule omakhelwane ukuthi umsolwa kuthiwa uqede ukutshela umngani wakhe abaqashe naye ngasekwenzile wabe esezihambela nje kahle, engabaleki. Umngani kuthiwa uyena oshayele ucingo amaphoyisa.
Izolo ngesikhathi Isolezwe lifika kwindawo yesigameko amaphoyisa abesahlanganisa amakhanda ezama ukubheka ukuthi isidumbu salo wesifazane sikuphi. Kufike nezinja ezihogelayo, nazo zazama ukulandela umkhondo.
Umhosha okuthiwa ukhonjwe umsolwa wathi ulahle kuwo umufi ubukude nalapho bebehlala khona.
Amaphoyisa abesalungiselela ukubheka ezindaweni ezahlukene. Umsolwa naye ubesagcwele amathafa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe abiziwe amaphoyisa endaweni yesigameko kodwa intombazane okusolwa ukuthi uyilimazile itholakele ingalinyaziwe. Uthe kusabhekwa ukuthi akekho yini omunye olinyaziwe kulandela ukubonakala kwaleli gazi endlini kamsolwa. Uphenyo lusaqhubeka. Akucaci ukuthi lo ofunwayo ubenenye yini intombi.