AMAPHOYISA aphenya isigameko sokuhlaselwa kwabantu abane elokishini lakwaZakhele eGqeberha ngeSonto.
Ngokwemibiko evelayo, abagilwa bebenomcimbi behlangene kumnandi ngesikhathi kufika abasolwa abathathu bevulela ngenhlamvu bebhekise kubona.
Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape uColonel Priscilla Naidu uthe ngezithuba zawo12.45 entathakusa amaphoyisa abehamba kule ndawo eqaphe isimo amiswe owesifazane ekhala ngokuthi bahlaselwe ngabantu bebadubula.
“Imibiko ikhomba ukuthi bebegu-11 endlini, abesifazane abayisithupha namadoda amahlanu, bebehleli endlini beziphuzela ngesikhathi kugulukudela abasolwa abathathu bavulela ngenhlamvu,” kusho uNaidu.
Uthe imbangela yokuhlasela kayaziwa okwamanje futhi amaphoyisa azama ukuthola imininingwane yezihlobo zabagilwa.
Kushone abesifazane abathathu abaneminyaka ephakathi kuka20 no-28 nomnikazi wendlu okuthiwa uneminyaka engu-28. Bathathu abanye abaphuthunyishwe esibhedlela benamanxeba okudutshulwa.
Bane abasindile nokungabesifazane ababili namadoda amabili.
Sekuphenduke insalavukela ukuhlaselwa kwabantu ngezulu lezandla kuleli lokishi.
Ngenyanga edlule kwabhujiswa abantu abayisikhombisa ngenhlamvu begubha usuku lokuzalwa komnini womuzi khona kuleli lokishi.
Emasontweni amabili adlule kwabulawa abantu abayisishiyagalombili endaweni yakwaMaqanda nokuyilokishi eliseduze kakhulu nelaKwaZakhele.
UNaidu unxuse umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi olungasiza kuboshwe abasolwa. Uthe uphiko oluphenya amacala ahleliwe esifundazweni luphenya amacala amane okubulala nayisikhombisa okuzama ukubulala. Unxuse umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi olungaba wusizo. Abanolwazi, bangaxhumana noColonel Willie Mayi ku-082-697-5914 noCrime Stop ku-08600-10111.