KUSHAQEKE umphakathi waseNdwedwe, kubulawa ngesihluku isangoma esidumile esitholakale sinqunywe uqhoqhoqho ngoLwesihlanu ekuseni.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi umelaphi wendabuko obeno-66, kuthiwa uphume ekhaya ngoLwesine ntambama, eyokha amanzi emfuleni kepha akabange esabuya..
Ngenxa yokukhathazeka umndeni kuthiwa uvuke ngabo-5 ekuseni izolo uyomthungatha. Kuthiwa uzithele kuyena elele endleleni egcwele igazi enqunyiswe okwembuzi.
Umndeni kuthiwa ushayele amaphoyisa neReaction Unit South Africa (RUSA) ucela usizo.
AbeRUSA bathe bafike endaweni yesigameko bathola owesifazane enqunywe intamo yacishe yanqamuka. Ngendlela abathe babone ngayo, umbulali ubenza isiqiniseko sokuthi umshiya efile lona wesifazane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNdwedwe, asaphenya ngokwenzekile, ngemva kokutholakala kowesifazane eshonile.
“Okwamanje akukho okubambekayo ngokubulawa kwalo wesifazane. Imininingwane izovezwa uma sekuphothulwe uphenyo. Inhloso yokubulawa kwakhe nayo ayikaziwa,” usho kanje uColonel.
Imeya yaseNdwedwe, uMnuz Mzamo Samuel Mfeka, ithe izifikele mathupha endaweni yesigameko, nayo ishaqekile ngekuficile.
“Kusidumazile ukubulawa komuntu wesifazane kabuhlungu ngale ndlela. Okuphinde kusiphathe kabi kakhulu ukuthi sisagubha inyanga yabesifazane bese kutholakala umuntu wesifazane ebulelwe ngale ndlela. Sithemba ukuthi amaphoyisa azosebenza ngokuzimisela ukuthola ababulali,” kusho uMfeka.
Uthe izigameko zalolu hlobo azandile laphaya eNcwazune, kuWard 18. Uthe isigameko sokubulawa kwabantu sike senzeka kule ndawo nyakenye lapho kudutshulwe kwabulawa abafana abane, endaweni yokucima ukoma.