Basole uMbuso ngokuxova ubufakazi bokusebenza kwamaselula nezinombolo abameli babamangalelwa ecaleni lokubulawa kowayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, ngoLwesibili.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi oyisikhulu enkampanini yamaselula iVodacom, uNksz Pinky Vythilingam, esaqhubeka nokwethula ubufakazi bakhe obumayelana nokusetshenziswa kwamaselula nezinombolo zabathinteka kuleli cala.
U-Advocate Charles Mnisi, ongummeli kammangalelwa wesithathu uMthobisi Mncube, usole u-Adv Ronnie Sibanda ngesikhathi ebuza umbuzo ngemibhoshongo eyayicosha ukusebenza kwenombolo kaMeyiwa nekaLongwe Twala.
“ITower yaseSpruit View, yiyo yini le eyacosha ukusebenza kwenombolo kamufi (uMeyiwa) nekaLongwe Twala, phakathi kuka-8 no-9 wasebusuku?” kubuza uSibanda.
UNksz Vythilingam ubuze uSibanda ukuthi ubuka kuliphi ikhasi lezibithi, ubesazama ukuphendula uSibanda ngesikhathi engenelela uMnisi ethi, “Ngicela uMbuso uyilandelanise kahle imibuzo yawo, ukuze sikwazi ukulandela kahle.”
USibanda uthe uzama ukwenza khona lokhu okucelwa uMnisi, wakhala ngokuthi inkinga ukuthi ubufakazi obethulwa uNksz Vythilingam busemazibithini ehlukene.
UMnisi uqhube wathi, yena akasaqondi ukuthi uSibanda uma ekhuluma ngombhoshongo (iSpruit View) ukhuluma ngombhoshongo owodwa yini nalowo okuthiwa wacosha ukusebenza kwenombolo kaMncube, noma usekhuluma ngekaLongwe Twala.
U-Advocate Zandile Mshololo, omele ummangalelwa wesihlanu, uFisokuhle Ntuli, yena ukhale ngokuthi ufakazi akaqikelele ukucacisa ukuthi ubufakazi abethulayo busekhasini lesingaki, kwangaphezu kuka-4000, okuthiwa aqukethe ulwazi lokusebenza kwezinombolo zabathintekayo.
Ngokuqhubeka kwesikhathi, u-Adv Sipho Ramasepele naye usukume wacela ukucaciselwa ukuthi ubufakazi obethulwa uNksz Vythilingam, bumayelana nenombolo kammangalelwa wesibili (uBongani Ntanzi) noma intombi yakhe.
“Uma sibuka izibithi uzakwethu (uSibanda) akhuluma ngalo, ngokobufakazi bukaCol Kgosi, izingcingo ezenziwa yile nombolo okufakazwa ngayo, inombolo okungesiyo ekammangalelwa wesibili.
“Inombolo egcina ngo-6890, ekammangalelwa wesibili, inombolo egcina ngo-7056 (okuyiyo ofakazi afakaza ngayo) eyalowo owayethandana nommangalelwa wesibili,” kusho uRamasepele.
Ufakazi ucacisele uRamasepele ukuthi wethula ubufakazi bezingcingo ezazikhishwa kanjalo nezazingena enombolweni egcina ngo-6890.
“Sizama ukuveza ukuthi inombolo ethile ekabani bese sizama ukuyixhumanisa nezinye izinombolo,” kusho uNksz Vythilingam.
“Bekufanele acacise ukuthi lobu bufakazi obenombolo egcina ngo-7056, hhayi ukuthi kube sengathi obenombolo egcina ngo-6890, kodwa asiqhubeke ke,” kuphendula uRamasepele.
UNksz Vythilingam ubuye waveza ukuthi ngokolwazi lwabo lweRICA, inombolo ummangalelwa wesithathu uMthobisi Mncube avume ngomlomo kammeli wakhe ukuthi ngeyakhe, ngokolwazi lakwaVodacom, akuveli ukuthi eyakhe.
Icala liyaqhubeka namuhla, kusazoqhubeka yena uNksz Vythilingam nobufakazi bakhe.