KUSOLWA ukuthi ukuphuma kwemali yasemsebenzini wendodana eyashona yikhona okuholele ekutheni kubulawe ugogo (81) nomzukulu (5) abahlaselwe besekhaya KwaYanguye eMelmoth ngoMgqibelo ebusuku.
Izidumbu zikaNksz Elizabeth Sibisi (81) nesikaSiphosethu Sibisi (5) ababulewe abantu abangaziwa kuthiwa zitholwe ngomakhelwane izolo ekuseni.
Ilungu lomndeni elihlala kude elicele ukuba lingadalulwa igama ngoba libona lingaphephile lithe umndeni usola ukuthi ukuphuma kwemali yendodana kagogo eyashona eminyakeni emithathu edlule ikade isebenza ezimayini, yikho okuholele ekutheni bahlaselwe.
Lilandisa ilungu lomndeni ngesigameko lithe senzeke ugogo ehleli nomzukulu.
“Sisola ukuthi bebevele befuna imali ngoba abafike kuqala endaweni yesigameko bathe bafike kumapeketwane, kusaphazeke namakhadi asebhange phansi,” kusho ilungu.
Lithe abakwaziyo ukuthi umuntu obese eyiso kugogo wumzukulu omdala obengekho esathathwe yindlela.
“Sicabanga ukuthi abantu bendawo abenze le nto, abebezwile ukuthi ugogo uphunyelwe yimali yendodana yakhe base bebona ukuthi abahlasele,” kusho ilungu.
Liqhube lathi basola ukuthi abenzi bobubi bakhethe ukumbulala ugogo emva kokubona ukuthi akabaniki imininingwane yasebhange ebebeyifuna.
“Okubuhlungu ukuthi ubemdala ugogo, imininingwane yasebhange vele ubengayazi, umuntu obenolwazi uye lo abahlasele engekho,” kusho ilungu.
Mayelana nokubulawa komzukulu, lithe likholwa ukuthi mhlawumbe ubulawelwe ukuthi uyabazi abasolwa.
“Izingane zamanje zihlakaniphile, cishe abenzi bobubi abantu abaziwayo, ingane basale sebeyidubulela ukuthi ibabonile,” kusho yena.
Uqhube wathi bazizwa bethuthumela uma becabanga ukuthi bekuzobulawa nomzukulu nengane yakhe yesibili abehambe nayo ukuba bebekhona. Kusobala ukuthi ngabe kulale izidumbu ezine.
“Siyasaba, asazi nokuthi sizowaqala kanjani amalungiselelo omngcwabo nokuzila sibe sazi ukuthi ababulali bagcwele izinkalo futhi bagcine bengayitholanga into ebebeyifuna,” kusho yena.
Uthe basho kanje ngoba bacabanga ukuthi ngesikhathi ugogo elandula esho ukuthi akayazi imininingwane yasebhange, mhlawumbe ushilo ukuthi izinto eziningi zaziwa umzukulu obengekho ekhaya ngaleso sikhathi.
“Sisaba ukuthi bazobuya, bazoqedela abakuqalile kuze kube ukuthi bayayithola le mali. Sifisa ukuthola usizo lokuqiniswa kwezokuphepha endaweni ukuze sikwazi ukuyoqala amalungiselelo okungcwaba,” kusho ilungu.
Olwela inhlalakahle yamalungu omphakathi kule ndawo, obuye akhulumele neNational Unitary Professional Association for African Traditional Health Practitioners of SA (NUPAATHPSA) okuyinhlangano yabelaphi bendabuko, uMnuz Mlungisi Mlaba uthe kuyabathusa ukuthi kuhlaselwe abantu ngesihluku esingaka.
“Ukukhishwa komphefumulo womuntu omdala nowengane ingenasono kuyinto ekhombisa ukuthi unembeza awusekho ebantwini,” kusho uMlaba.