KUSOLWA izidakamizwa ngokudutshulwa kubulawe izemalani ezintathu nomzala wazo eRichmond, eSigcakini.
Izelamani zakwaNgcamu oMnuz Xolani (36), Siyabonga (32) no-Andile (28) badutshulwe babulawa ngoLwesibili emini.
Kulesi sigameko kushone nomzala wabo, uMnuz Mlondi Simelane.
UXolani, Siyabonga noMlondi badutshulwe babulawa egcekeni kwaNgcamu ngesikhathi kugasela amadoda angaziwa, kanti u-Andile yena udutshulwe eshayela iloli.
Bonke bashonele lpho bedutshulelwe khona.
USiyabonga udutshulwe kungakapheli sikhathi esingakanani elethwe amaphoyisa ekhaya.
USiyabonga ubecele amaphoyisa ukuthi amphelezele aze ambeke ekhaya esuka enkantolo lapho ebeyothula khona ubufakazi kwelinye icala, ekhala ngokwesaba ukwenziwa isilo sengubo.
Imithombo esondelene nodaba engathandanga ukudalulwa, ithe izelamani zakwaNgcamu zazidalela amazinyo abushelelezi ngokuthi zilwe nokudayiswa kwezidakamizwa eRichmond.
Umthombo, uthe balwa ngakho konke labo abadayisa izidakamizwa.
“Abafune muntu ozobaphazamisa. Basusa noma ubani ome endleleni yabo. Izidakamizwa zidayiswa emini kabha. Zidayiswa ngenkani.”
Izelamani zidutshulwa nje umndeni usazikhotha amanxeba angakapholi njengoba kusanda kudutshulwa umfowabo, uMnuz Siphamandla “Mate” Ngcamu (34), naye okusolwa ukuthi wabulawelwa ukulwa nokudayiswa kwezidakamizwa.
USiphamandla wadutshulwa wabulawa ngoMashi.
Izolo, umndeni uveze ukuthi usuhlalele ovalweni njengoba ungazi ukuthi ababulali bazophinde bagadle nini.
Umndeni uthe kusobala ukuthi ababulali abesabi lutho njengoba begasele emini kabha, bafike bavulela ngenhlamvu kubuka izwe lonke.
Umama wezelamani, uNkk Mantombi Ngcamu, uthe bese kungokwesine umndeni uhlaselwa.
“Sithukile futhi siyesaba. Namaphoyisa siyawabikela ukuthi siyesaba, kodwa usizo asilutholi.”
Echaza ngesigameko sangoLwesibili, uNkk Ngcamu uthe senzeke ekwadokotela, wathola ucingo oluthi akaphuthume ekhaya.
“Ngithe uma ngifika, ngafika kukhalwa. Umonakalo bese uvele wenzekile.”
UNkk Ngcamu uthe utshelwe ukuthi kuqale kwagasela amadoda amabili abehamba ngezinyawo, kwaphinde kwalandela amabili abehamba ngemoto.
“Emva kokuthi sebedubulile, imoto iphume izihambela kahle, ingabaleki. Kukhombisa ukuthi abesabi lutho.”
Izolo bekubonakala ukuthi umndeni uthukile, njengoba bebehlahla amehlo uma kuqhamuka umuntu abangamazi.
Baveze ukuthi abasathembi muntu njengoba bengazi ukuthi obani ababaqothayo.
Namalungu omphakathi azwakalise ukukhathazeka ngalolu daba.
Athe asaba ngisho ukuyikhuluma indaba yokubulawa kwezelamani zakwaNgcamu.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa ayaphenya ngesigameko.