AMAPHOYISA asezithendeni zomsolwa oyedwa okuthiwa usagcwele amathafa ofunwa ngamacala okuqothwa kwabangu-18 eLusikisiki esifundazweni i-Eastern Cape ngenyanga edlule.
Lokhu kuvezwe uKhomishana wamaphoyisa kuleli, uGeneral Fannie Masemola esithangamini nabezindaba izolo, obekuhloswe ngaso ukwazisa umphakathi ngokuqhubekayo ngamacala asanda kwenzeka okubulawa kwabantu bendawonye kulesiya sifundazwe.
UMasemola uqinisekise ukuthi bahlanu asebeboshiwe kuleli cala, kubalwa nabane ababoshwe kuleli sonto. Ukuboshwa kwabakamuva okungoMnuz Bongo Hantsa, Lwande Abi, Songezo Vuma no-Aphiwe Ndede, kwenzeka emva kokuthi amaphoyisa ekhiphe izithombe zabo efuna ukufuniswa bona.
UMasemola uthe abasolwa abathathu baboshwe besePort Shepstone, kwathi oyedwa waboshwa ngoLwesithathu e-East London, e-Eastern Cape.
“Kuzokhumbuleka ukuthi umsolwa oyedwa osengummangalelwa manje, uvelile enkantolo ekuqaleni kwaleli sonto. Abane ababoshwe kuleli sonto bazovela enkantolo kusasa (esho namhlanje). Kunomsolwa oyedwa osagcwele amathafa, kodwa esingakusho okwamanje ukuthi amaphoyisa athatha imoto yakhe. Bahlanu asebeboshiwe ngaleli cala,” usho kanje.
NgoLwesithathu, ngesikhathi ethulela ikomiti elibhekele ukusebenza koMnyango wamaPhoyisa ePhalamende okuqhubekayo ngaleli cala, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu, uthe amaphoyisa aphenya isihlobo seminye yemindeni yabawu-18 abaqothwe kulesi sigameko, okuvele ukuthi sivele sisejele ngelinye icala. Uthe kusolwa ukuthi yisona esiwungqondongqondo okukholakala ukuthi sathumela izinkabi sivele singaphakathi ejele.