KUSOLWA ukuthi ukubulawa ngokudutshulwa kwamadoda amabili emijondolo eCanelands, eVerulam, izolo ekuseni kudalwe wumbango phakathi kwabadayisa izidakamizwa.
Izidumbu zamadoda amabili aneminyaka elinganiselwa ku-30 bezinamanxeba okudutshulwa ekhanda nasemzimbeni.
Emasontweni amathathu edlule kudutshulwe amadoda amabili ngezinhlamvu eziwu-11 afa endaweni efanayo naleyo okwenzeke kuyo isehlo sayizolo.
Ikhansela lendawo eku-ward 58 eThekwini, uMnuz Geoffrey Pullan, uthe ubikelwe ukuthi amadoda abulewe abengamalungu eqembu elidayisa izidakamizwa.
“Kuthiwa la madoda abe esezimela edayisa ngokwawo izidakamizwa. Lokhu akwehlanga kahle eqenjini lawo. Kusolakala ukuthi adutshulwe yileli qembu ngoba lingeneme ngokudayisa kwawo izidakamizwa endaweni,” kusho uPullan.
Uthe ngokujwayelekile endaweni yabo bangabantu abanokuthula kodwa okwenzekile kuyisenzo sobugebengu.
Okhulumela inkampani yonogada, iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, uthe babizelwe endaweni yesehlo ngo-5.14 ekuseni.
Uthe bafike sekukhona amaphoyisa.
Uthe isidumbu sendoda yokuqala besiphakathi nomgwaqo, sinamanxeba okudutshulwa ekhanda, esifubeni nasemhlane.
“Isidumbu sesibili sitholwe endleleni eqhele ngamamitha awu-300 nalapho kutholwe khona isidumbu sokuqala. Besinamanxeba okudutshulwa ekhanda nasengalweni. Womabili amadoda aqinisekiswe abezimo eziphuthumayo ukuthi afele endaweni yobugebengu,” kusho uBalram.
Uthe kukholakala ukuthi ababulewe ngabahlali bakhona eCanelands kodwa abahlali bathe abezwanga lutho futhi akukho abakubonile.
“Ayikaziwa imbangela yokufa kwawo kodwa kusolakala ukuthi ayathinteka kwamanye amacala okubulala kule ndawo,” kusho uBalram.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala aphenywa ngamaphoyisa aseVerulam.
“Kuvele ukuthi ngo-5 ekuseni kutholakale izidumbu zamadoda amabili aneminyaka elinganiselwa ku-30 emgwaqweni uStation eCanelands. Bezinamanxeba amaningi okudutshulwa. Ayaziwa imbangela yalokhu kubulala,” kusho uColonel Mbele.
NgoSeptemba 24 kwatholakala izidumbu zamadoda amabili ezazinamanxeba amaningi okudutshulwa eduze komjondolo wawo eCanelands.
Kwathi uma kuseshwa indawo yesehlo kwatholakala amagobolondo ezinhlamvu awu-11.