KUBIKWA ukuthi isizathu esigqabule ifindo phakathi kwe-IFP ne-EFF kuMasipala uMhlathuze, wukuthi i-EFF ibifuna ukuphatha lo masipala.
Kuthiwa sekuphelile obekuhlanganise lawa maqembu abephethe omasipala ngokubambisana. Womabili amaqembu abenesivumelwano sokuthi abambisane komasipala bese i-EFF inikezwa izikhundla zamaphini ezimeya kuthi i-IFP ithathe ezobumeya.
Izivumelwano zokuphatha omasipala ziqale emuva kokhetho lohulumeni basekhaya lapho amaqembu engakwazanga ukuthola amavoti enele ukubusa omasipala.
Umthombo weSolezwe ngeSonto olwazi kahle udaba uthi kube nomhlangano ngeledlule phakathi kwezinhlangothi zombili eGauteng, lapho i-EFF ilibeke ngembaba elokuthi ifuna esikameya eMhlathuze. Kumanje uMhlathuze uphethwe yiMeya ye-IFP uMnuz Xolani Ngwezi, bese iphini lakhe kube nguMnuz Nkululeko Ngubane we-EFF, ongunobhala wayo esifundazweni.
I-EFF kuthiwa iyalele amaphini ezimeya angamakhansela ayo ukuba esule ezikhundleni ngokushesha bayishiye dengwane i-IFP. Lokhu kubeka engcupheni i-IFP engase ilahlekelwe yimikhandlu ngoba ayinazo izibalo ezifanele ukuthi iphathe.
Ebuzwa ngalokhu okhulumela i-IFP kuzwelonke uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe kabanalo itwetwe ngokuhamba kwemikhandlu kodwa wathi okuningi bazokuchaza esithangamini nabezindaba kusasa eThekwini. UHlengwa kwiFacebook ubhale ukuthi “Isono sethu ngukunqaba noMhlathuze.”
UHlengwa uthumele isimemo sesithangami nabezindaba esibhalwe ukuthi kuzochazwa okwakamuva ngemishado yomasipala. Abe-EFF bashayelwe kaningi ucingo, bathunyelelwa imiyalezo bengaphenduli.
UNobhala Jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini ekhuluma nabeSABC, uthe indaba yokubusa ngokubambisana inzima futhi yintsha kuleli yingakho izohlala iba nenzinkinga.
Kwenzeka konke lokhu nje i-IFP KwaZulu-Natal, ibisanda kumemezela ubudlelwane bayo neDA ngesikhathi kuzoba nokhetho lokuchibiyela eThekwini, nolwanqotshwa yi-IFP.