SEKUQUBUKE umnqakiswano wamazwi phakathi kweK-Cap nomphathi weVibe FM, kubangwa imali yerenti.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi isimo sishubile, akusakhulunyiswana.
Kuthiwa sebeyixoxa ngabameli eyerenti njengoba iK-Cap ifuna ngodli imali engaphezu kukaR100 000 ethi eyerenti ekweletwa yiVibe FM kusuka ngo-2008 kuze kube yimanje.
Kuvele ukuthi iVibe FM ibikhokha imali engagcwele zonke izinyanga ngisho isiyikhuphulile iK-Cap kodwa eyeVibe FM ibingakhuphuki.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, iVibe FM bekumele ikhokhe uR7 500 ngenyanga kodwa ibikhokha uR4 000. Iphinde yanyuka irenti yaba uR10 600 kodwa iVibe FM ilokhu imile kuR4 000. Ilokhu-ke okuthiwa kucasule abaphathi beK-Cap.
Okhulumela iK-Cap, uToki Mohoto, uthe sebemfake kubameli umphathi weVibe FM uLucky Dlamini. “Selokhu isiteshi saba khona eK-Cap kusuka ngo-2008, uDlamini akakaze akhokhe irenti egcwele. Irenti iqale inguR7 500 ngenyanga, yena ekhokha uR4 000, athi uzobuye ayigcwalise.
Kuhlule ngisho isinyukele kuR10 600 ngenyanga ubelokhu emile kuR4 000. Kuneminyaka abengayikhokhi nhlobo irenti kwezinye izinyanga. Usikweleta uR32 000 wezinyanga ezingakhokhelwanga nhlobo ngo-2008, kube uR30 000 wango-2015 noR45 400 wango-2017,” kusho uToki.
Ethintwa uDlamini uthe akayikweleti iK-Cap.
“Kuyiphutha ukuthi bathi asikaze sikhokhe irenti egcwele. Sinesivumelwano sokusebenzisana esiqale ngo-2008. Irenti yaqala
iwuR2 500 ngenyanga, ibilokhu inyuka. UR4 000 lo abakhuluma ngawo imali yerenti egcwele esasivumelene ngayo ngesikhathi isinyukile. Sicele ubufakazi bezinyanga esizikweletayo sangabuthola,” kusho uDlamini.
UToki uthe bamnikile uDlamini ubufakazi nabameli bakhe bacela umhlangano ophuthumayo. Uthe abavumanga ukuthi babe nomhlangano nabeVibe FM ngoba ayisekho into abafuna ukuyikhuluma nabo. Ummeli kaDlamini, uSiza Khumalo, uthe unabo ubufakazi bokuthi abayikweleti iK-Cap.
UKhumalo uthe bayicelile iK-Cap ukuthi ilethe izitatimende zasebhange ngoba kwezabo akuveli ukuthi bayakweleta.
“Kunokuthi basinike izitatimende basithumelele into ebhalwe yibona ukuthi sibakweleta malini. Umthetho awukuvumeli ukuthi bangayivuseleli inkontileka sibe singanqabanga ukubakhokhela irenti,” kusho ummeli uKhumalo.
UDlamini ukhale nangokuthi ukususa isiteshi eK-Cap akuzoba lula.
IK-Cap ithe izolikhiya ekupheleni kukaJulayi igumbi lokusakaza leVibe FM.