USADIDEKILE uyise wowesilisa oshone ngesikhathi iloli, ephelelwe ngamabhuleki, ingena endlini yabulala abathathu edolobheni iGlencoe, KwaZulu-Natal, ngoLwesibili emini.
Kushone nomshayeli weloli (34) nomsizi wakhe (46) kulesi sehlakalo esinyantisayo.
Kuthiwa iloli beyehla ngomgwaqo uBiggar nokusolakala ukuthi liphelelwe ngamabhuleki langena lasithela kule ndlu esengasekhoneni lomgwaqo.
Umufi, uMnuz Siphakanyiswa Radebe (35), ubesanda kubuya emsebenzini ehlezi nabangani bakhe kuveranda, begundana.
Kuthiwa umufi ubalekele endlini efuna ukuyophuma ngomunye umnyango kanti iloli lizobhodloza udonga, izitini zawela phezu kwakhe washona.
Abangani bakhe basindile kule ngozi njengoba kuthiwa abamlandelanga umufi.
Uyise kamufi, uMnuz Alpheus Radebe, uthe kusemnyama amehlo, udidekile ngoba ubesehlale iminyaka engu-13 kulo muzi awuqashe kwaTransnet.
“Besisebenza ndawonye emsebenzini nomfana wami wangishiya eseshayisile. Ngifike ekhaya ngazithela phezu kwalo mhlola. Iloli lingene lonke endlini lacishe layophuma ngale,” kusho uRadebe ngosizi.
Uthe badabuka Ekuvukeni, ngaseMnambithi, njengamanje baqutshiswe ehholo nokuyilapho behlinzekwe khona ngokudla nangezimpahla zokulala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokubulala ngokungenhloso.
Uthe kusolakala ukuthi iloli liphaphalazile layongena kulo muzi.
“Umshayeli nomsizi wakhe bashonele endaweni yesehlakalo. Umnikazi wendlu ushonele esibhedlela ngemva kokulimala kanzima,” kusho uCapt. Gwala.
IMeya yaseMzinyathi, uMnuz Petros Mthandeni Ngubane, ubabaze indlela ebinyantisa ngayo le nhlekelele njengoba eziyele ngokwakhe ukuyokhalisana nomndeni, eyohlola nomonakalo.
UNgubane uthe kumphathe kabi akubonile, wathi ubikelwe wumphakathi ukuthi ziyisikhombisa izigameko zokufa kwabantu esezibikiwe kulo mgwaqo.
“Ngicele ukuthi umgwaqo ufakwe isinciphisajubane futhi kwehliswe nejubane ezimpawini zomgwaqo. Amakhansela awalekelele, angabheki ukuthi umuntu uphuma kuliphi iqembu lezepolitiki. Awangaze abizwe kodwa awazifikele ngokwawo uma esetholile ngesigameko,” kusho uNgubane.