KUSHODE ozogadla kuqala kubagcotshwa bebandla lamaNazaretha abebesemhlanganweni eBuhleni ngoLwesine, kubangwa isinqumo soNyazilwezulu sokuchitha isethenjwa salo, uMnuz Lizwi Ncwane, sokuba ngumeluleki wabameli bebandla.
Emhlanganweni okuthiwa ububizwe isigubhukane ukuzophikisa isinqumo soNyazilwezulu, kuthiwa abanye abagcotshwa bebengazi ukuthi kuzokhulunywa ngani.
Umsindo kuthiwa usuke sekuvela ukuthi abanye babagcotshwa abazwelana noNcwane basola amakhosi, ukuthi yiwona aphoqe uMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe ukuthi luchithe uNcwane. UNcwane usolwa ngokusebenzisa izigidi zamaRandi zoNyazi eluthembisa ukucubuza amagabadi emajajini, ukuze kuphele icala okube yimizamo engaphumelelanga.
“Abagcotshwa bafike bahlukana phakathi uma sekukhulunywa. Kukhona abebevele behambisana nesinqumo sokuchithwa kukaNcwane. Abeseka uNcwane basole amakhosi ngalesi sinqumo. Okubuhlungu wukuthi amakhosi abengekho kulo mhlangano. Bakhwele badilika kuwona. Kwaba khona abangahambisani nalokho, okususe umsindo. Bebelinga ukubambana ngezandla. Bese kusolwa nokuthi ummeli osengene esikhundleni sikaNcwane, uMnuz Mbongeni Myeni, ufakwe ngomkokothelo. Lokho kugcine kuchithiwe, kwavela ukuthi ungene ngokusemthethweni,” kusho uMthombo.
Umthombo uveze ukuthi ngisho kungathintwa abameli bomholi iNkosi Phinda “Ukukhanyakwelanga” Shembe bazokuqinisekisa ukuthi wubani asebesebenza naye ezindabeni zecala.
Ummeli woKukhanyakwelanga, uMnuz Trevor Nkosi ukuqinisekisile ukuthi sebesebenza nommeli uMyeni ngezindaba zecala.
“Siqale ukuxhumana nommeli uMyeni kuleli sonto, esitshelwe ukuthi wuyena osesingethe izindaba zecala ngaphansi koNyazi. Sitshelwe ukuthi abameli baseGoli abebesetshenziswa wuNyazi sebeshintshiwe kodwa sekunguMyeni ophethe izindaba zecala ngaphansi koNyazi. UNcwane akayena vele ummeli kodwa uyisazi sezomthetho kodwa wuyena obekuxhunyanwa naye, azise noNyazi ngokuqhubekayo ecaleni. Esitshelwe khona wukuthi sekuzoba nguMyeni esizoxhumana kuphinde kube nguyena futhi owazisa uNyazi ngakho konke okwenzekayo,” kusho uNkosi.
Isolezwe ngeSonto lithunyelwe inkulumo eqoshiwe lapho kukhuluma khona owesilisa obeveza ukuthi imali olukhala ngayo uNyazilwezulu eyanikwa uNcwane wuR30 million.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe ukuqinisekisile ukuthi umhlangano ube khona ngoLwesine kodwa ngeke akwazi ukukhipha iminingwane yawo. Wathi abathintekayo kuwona bangazikhulumela bona ngoba abasiwona amadlozi.