KUSE bebheke ngawayizolo, kungqongqa inqwaba yemijondolo esigamekweni esishiye abahlali basemijindolo egudle umgwaqo, uLondonderry eSpringfield, besele dengwane.
Umlilo okuthiwa uqubuke ngabo-7 ebusuku ngoMsombuluko ushiye amalungu omphakathi emijondolo esele nabekugqokile njengoba eveza ukuthi isibalo esicekeleke phansi silinganiselwa kwengu-300 yize bekungaqinisekiswa ngabophiko olubhekele izinhlekelele kuMasipala weTheku njengoba abasebenzi balo bebesasendaweni yesigameko izolo, behlola umonakalo.
UMnuz Lungisani Dlamini owusihlalo wekomitini lomphakathi kule ndawo, uthe yize behlukumezeke kakhulu njengoba kuphoqe ukuthi bahlale emnyango kuze kuse kodwa akekho oshonile noma olimale kakhulu.
“Esikuzwile wukuthi umilo uqalwe ngothile wokufika kuleli, ophume waya emkhulekweni washiya isitofu sibasiwe. Ngenxa yokuthi bekunomoya, umlilo ubhebhetheke ngamandla kakhulu kangangoba bekunzima ukuwunqanda nokuthi ubuvele uqhamuka ngezansi ngasemgwaqweni ukhuphuka, okwenze abantu bangaba naso isikhathi sokuqoqa izimpahla, umuntu abaleke nakugqokile,” usho kanje.
UNksz Nonhlanhla Salim ongowokudabuka KwaMhlabuyalingana, uthe uhlala nezingane zakhe ezine, ukwaze kuphela ukuphephisa umazisi wakhe.
“Izitifiketi zezingane nomfaniswano wesikole nezingubo kushe kwaphela. Okubuhlungu wukuthi njengoba ngihlala nezingane zami nje, angisebenzi ngethembele emalini yesibonelelo sikahulumeni. Angazi ukuthi ngizothathani ngihlanganise nani njengoba ngingasele nalutho nje,” usho kanje.
Ngesikhathi Isolezwelifika endaweni izolo, izulu bese livele likhemezela iningi belimatasa likhuculula ezizeni lapho bekukhona imijondolo eshile.
Ikhansela lase-ward 25 kuMasipala weTheku okuyi-ward eyakhelwe yile mijondolo, uMnuz Themba Mkhize obevele ekhona endaweni yesigameko, lithe baphezu kwezinhlelo zokuthi kukhoseliswe abantu ngesikhathi abezinhlekelele besaqoqa iminingwane ngesigameko.
“Usizo esisaluzamile, ngabenkolo yamaMuslim yibona abasafikile ukuzokwelekelela ngokudla. Sinethemba lokuthi ababhekele izinhlekelele bazosilekelela ngetende lokukhoselisa abagilekile kulesi sigameko. Lolu sizo ludingeka kakhulu njengoba kushe cishe yonke imijondolo kule ndawo. Kuyaye kube ngcono uma kukhona esalile ngoba abantu bayakwazi ukukhoselisana ngesikhathi kusenziwa izinhlelo ezithile,” kusho uMkhize.