KUHLUKENE imibono kubantu ngomculi wegqom’ uBabes Wodumo (Bongekile Simelane), ngemva kokubonakala enandisa ezindaweni ezahlukene ngemuva kokushona komyeni wakhe uMandla ‘Mampintsha’ Maphumulo.
UMampintsha (Mandla Maphumulo)ungcwatshwe ngoLwesihlanu eThekwini. NgoMgqibelo ebusuku uBabes ubenandisa kwiLast Dance Music Festival, eMgungundlovu.
Ekhasini likaMampintsha leFacebook, kune-video efakiwe lapho uBabes edalula ukuthi useyitholile inombolo yokuvula iselula yomnyeni wakhe, wathi uyayibona imiyalezo yabantu kodwa akabambele muntu gqubu.
Enkonzweni yomngcwabo, umndeni wathi uyamkhulula umculi ukuthi aqhubeke nokusebenza ngoba unengane encane. Bephawula ekhasini likaMampintsha, imibono yabantu ibihlukene phakathi.
“Ngoba nakhu engazilile ngendlela enifuna ngayo seniyamjaja? Kahleni nina! Phumani kuBabes nihambe niyofuna imisebenzi niyoba matasa empilweni,” kubhala uTimmy Simelane.
UNqobile Makhaza uthe ngeke amehlulele ngoba akayena uNkulunkulu futhi abantu banezindlela ezahlukene zokuzila.
Isazi kwezamasiko uSolwazi Sihawu Ngubane, sithe sike sezwa abantu bekhala ngendaba kaBabes ukuthi kungakapheli namahora awu-24 umyeni wakhe engcwatshiwe, useyacula.
“Uma kushone ubaba wekhaya ngesintu kumele nizothe. Nangaphambi komngcwabo kumele nizothe ningahambi amabanga amade, nomndeni ube seduze. Izihlobo nizithume lokhu nalokhu. Umama kulindeleke ukuthi ahlale, agoye angalokhu eba wuvanzi,” kuchaza uNgubane.
Uqhube wathi ngokwesintu kuyethusa okwenziwa nguBabes futhi kwenza abantu bavule amehlo.
“Kuqala wawuzila izinyanga ezingu-12 ngemuva kwalokho kube nomcimbi owenziwayo wehlambo. Umama useyakwazi ukuqhubeka nempilo. Noma kungaba yizinyanga ezingu-12, ezintathu noma eziyisithupha kodwa uyadinga ukuthi amhloniphe. Kufana nokuhlonipha umuntu obumthanda. Kuzomshaya ngokuhamba kwesikhathi ukuvele aqhubeke nempilo.”
Uthe ngeke kodwa bamehlulele kakhulu ngoba umndeni waphumela obala esidlangalaleni ngokuthi uyamkhulula.
“Angacula abuye azothe ekhaya. Ukuba sezinkundleni zokuxhumana sengathi akwenzekanga lutho akusona isintu, akusibo ubuntu.”
Esinye isazi samasiko uDkt Nomagugu Ngobese, sithe ukuzila kwakwenziwa ngenhliziyo kodwa uma owesifazane ehanjelwe ngumyeni wayebeka isikhumba semvu emahlombe.
“Umndeni wawuzila ngomuzi. Umuzi utshani obufakwa emqaleni. Abanye babufaka esihlakalaleni,” kusho uNgobese.
Uthe ngokwesintu umuntu uyahlala engenzi lutho angagqoki ngisho nezinto eziwubucwebe azithandayo kuze kuphele isikhathi esithize. Uthe leso sikhathi usibonisana nabasemzini.
“Ivela lapho lento yokuthi abantu bayadlula. Abantu sebahluleka ukugcina izinto ezenziwayo. Uyazila ukudla okuthile, akumele ukhulume umemeze. Uba ngumuntu olalelayo kodwa kukhona izinto ozenzayo. Yingakho omama wawufika benza amacansi, lapho umngcwabo waphumela khona kuba nokuthula. Umuntu wakho uma umthanda ngempela ngeke utholakale usundiza.”