ABALELWA ngaphezulu kuka-24 000 amathayi aseqoqwe amaphoyisa ezifundazweni ezahlukene nokusolwa ukuthi ebehlele ukusetshenziswa ngendlela engekho emthethweni. Lokhu kulandela ukuthi i-Economic Freedom Fighters (EFF) inokhukhulelangoqo wombhikisho kazwelonke namhlanje mayelana nezinkinga ezikhungethe iNingizimu Afrika, nefuna kwesule nomengameli uMnuz Cyril Ramaphosa kulesi sikhundla. Lama thayi awu- 24 300 esewonke ashaqwe uphiko lwezokuphepha lwamaphoyisa iNational Joint Operational and Intelligence Structure (NATJOINTS nokuvela ukuthi iningi lawo ashaqwe ezifundazweni ezine.
Okhulumela iNATJOINTS uBrigadier Athlenda Mathe uveza ukuthi lamathayi ebebekwe ezindaweni ezahlukene ngobuchule ezosetshenziswa ngenhloso yokwephula umthetho. " Amathayi awu-6000 ashaqwe eWestern Cape, awu-4500 atholwa eFree State, abewu-3600 aseGauteng, awu-1513 ashaqwe e-Eastern Cape nambalwa atholwe kwezinye izifundazwe," kusho uBrigadier Mathe.
Eqhuba uBrigadier Mathe uthe abezomthetho bazibophezela ukuvikela ababhikishi ngendlela efanele kanjalo nalabo abangayona ingxenye yawo. Uphinde wakuqinisekisa ukuthi ngeke bazibekezelele izephulamthethi kanjalo nezenzo zobugebengu. " Nanoma ubani ozotholakala ephula umthetho kuzobhekwana naye ngendlela efanele. Amaphoyisa asiqaphile isimo ukuze konke kuvikeleke," kusho uBrigadier Mathe.