ILWAMUKELE ngezandla zombili ithuba lokungena kwezamafilimu intsha yaseMazizini, eBergville, iqeqeshwa yinkampani yezokuvakasha, iGlamping Adventures.
NgoLwesihlanu, eThandanani Art Centre, intsha nabeGlamping bethule ifilimu emayelana nokongiwa kwemvelo, ehlanganiswe ngesikhathi beqeqeshelwa lo mkhakha.
Ilinganiselwa eshumini intsha evela ezigodini ezehlukene zakule ndawo ehlomule kuleli thuba.
Omunye wabahlomulile, uNksz Snethemba Shabalala (25) uthe bajabule kakhulu ngokufundiswa izinto ebebengazazi.
“Ukubona umsebenzi wethu usuhlangene kahle kanje, kusikhombise ukuthi singangena nathi emkhakheni wezamafilimu,” kusho uNksz Shabalala.
Uthe baqale ukuqeqeshwa ngonyaka odlule, kwaze kwaphothulwa kulo nyaka.
“Bekuqala ukuthi siqeqeshelwe izinto zamafilimu. Sifisa lokhu esesikuqalile, kuqhubekele phambili,” kusho uNksz Shabalala, othe babathembisile ukuthi bazobacathulisa kuze kube sekugcineni.
Umsunguli weGlamping Adventures, uNksz Gugu Sithole, uthe ngesikhathi beqala ukwenza iGlamping, bazibophezela ekutheni izindawo abazihambelayo, bazishiya zingcono kunalokho abasuke bezifice ziyikho ngesikhathi bevakasha.
“Njalo lapho sivakasha khona, sibheka umphakathi oseduze. Uma size eDrakensberg, sivame ukubheka owaseMazizini, ukuthi udingani. Sihambe nezivakashi zethu, siyokwenza umsebenzi womphakathi,” kusho uNksz Sithole.
Uthe kulokhu bafundise intsha embalwa ukuhlanganisa ifilimu. Phambilini bake banikela ngezicathulo, amaqakelo nokunye ezikoleni zendawo.
“Sitshale izihlahla eThandanani Art Centre, senza umbukiso wefilimu yabo abayihlanganisile lapho bexoxe khona ngomlando wendawo yabo, ukuze ubonwe izizukulwane,” kusho uNksz Sithole.
Uthe lokhu kuzobasiza ukuthi basebenzisane namahhotela akhele indawo, bawaqophele amafilimu amafishane okuzikhangisa ebalazweni, bese kwakheka amathuba omsebenzi.
Uthembise ukuthi bazophinde babaqeqeshe futhi ekutheni benzenjani ke ngomsebenzi wabo uma sebewuhlanganise kahle, ukuze baziphilise ngawo.
Oyisikhulu esiphezulu kwezokumaketha kwezeMvelo KZN Wildlife, uNksz Sphelele Luthuli, uthe bayakuthakasela okwenziwa yiGlamping Adventures minyaka yonke uma bevakashele izindawo zabo.
“Bafika nezinhlelo ezisixhumanisa nomphakathi. Kulokhu, bebambisene netsha yendawo, benze umbukiso wefilimu efundisa ngokongiwa kwemvelo. Batshala nezihlahla,” kusho uNksz Luthuli.
Lezi zivakashi ezivela ezindaweni ezehlukene emhlabeni wonke, ziye zenze izinto ezehlukene ukuzijabulisa ezintabeni zoKhahlamba.
Phakathi kwazo ukuqwala izintaba, ukubuka izimpophoma ezehlukene ezikhona kulezi zintaba, ukulala esigangeni njalo njalo.
“Izivakashi zethu azigcini nje ngokuthi zishaywe umoya ezindaweni zethu, kodwa ziphinde zixhase omama bendawo, abenza umsebenzi wezandla, ziwuthenge.Emalini abayikhokha esangweni uma befika, siphinde siyithathe, siyokwenza imisebenzi ehlukene yomphakathi,” kusho uNksz Luthuli.