KUSETSHENZISWA ubuchwepheshe besimanje obuhlanganisa amakhemikhali, ukuze kucishwe umlilo osuvuthe izinsuku ezinhlanu, embonini yokhuni iNCT Woodchip Mill, eRichards Bay.
Lo mlilo waqubuka ngoMgqibelo, kanti izolo izikhulu zikaMasipala iKing Cetshwayo zithe, zisiqaphe ngeso lokhozi isimo somlilo ukuze ungangeneleli kwezinye izimboni.
UMnuz Philani Sibiya, oyiMenenja kaMasipala iKing Cetshwayo, uthe sekutholwe umshini osebenzisa ubuchwepheshe besimanje, okhipha uketshezi oluzovimba umlilo ukuthi unabele kwezinye izindawo. Wathi baxosisana nezinhlaka ezihlukene ukuthi kucishwe umlilo kusukela kuhulumeni wesifundazwe, kuya kokazwelonke.
Ucele abantu abakhele iRichards Bay, ukuthi behlise umoya ngoba kunamabhanoyi acisha umlilo alokhu endize njalo, ukuze kuqinisekiswe ukuthi umlilo awubhebhetheki kakhulu.
IMenenja yaseNCT, uMnuz Danny Knoesen, ithe bawuvimbile umlilo ukuthi uyoshisa umkhiqizo waseTWK, eseduze neFoskor. Uthe njengoba kuwusuku lwesihlanu belwa nomlilo, izicishamlilo zisebenza kanzima ngoba umoya awuzibekile phansi.
Ubalule ukuthi basebenzisa nezinkampani ezihlukene okubalwa ichweba laseRichards Bay, uMasipala uMhlathuze, iKing Cetshwayo, iFoskor, South32 nezinye izinhlaka.
Uthe isimo siqashiwe futhi kuhlolwa umoya njalo ngehora kanti nezinye izinkampani okubalwa iFoskor, sezilungisile izinhlelo zazo zezimo eziphuthumayo.
Phambilini kuvele ukuthi kuzothatha izinyanga eziyisishiyagalombili kuya kweziwu-12 ukulungisa umonakalo odalwe wumlilo eNCT. Izicishamlilo ziyaqhubeka nokuwubhula.