ZISAZOQHUBEKA izinselelo ezibhekene noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, zokungavalwa ngesikhathi kwezikhala zothisha, ukungaqashwa konogada, ukungaqashwa kwabahlanza izikole, ukushoda kwezinsiza-kufundisa okubalwa nezincwadi nokungakhokhelwa kwamanzi nogesi ngenxa yokunganeli kwesabelomali nakulo nyaka.
Lezi zinkinga zeminyaka ezixake lo Mnyango, zizoqhubeka kunyaka wezimali u-2024/2025 nakuba isabelomali singu-R62.989 billion.
Izinyunyana zothisha esifundazweni zihlala zikhala ngokungafakwa ngesikhathi kwemali yezikole, ukungavalwa kwezikhala zothisha abathatha ikhefu, ukushoda kwezinsiza-kufundisa, ukungakhokhelwa ngesikhathi kosonkontileka, nokufeyila ukukhokhela ugesi namanzi ngesikhathi, nangezinye izinkinga ezibhekene noMnyango.
Zithi othishanhloko kuze kudingeke ukuthi basebenzise imali yabo ukutakula izikole.
Umphathi wezezimali eMnyangweni, uMnuz Lalisingh Rambaran, uthe isimo sisenzima njengoba kusenohlelo lokuthi ingxenye ethile yemali, bengayitholi yonke kuMgcinimafa.
Uveze ukuthi ingxenye enkulu yesabelomali iya emaholweni abasebenzi.
“U-R51 billion uya emaholweni wabasebenzi bese kuthi enye imali iye ezikoleni. Kudingeka sifake izicelo kuMgcinimafa uma kudingeka sivale izikhala ezibalulekile emnyangweni,” usho kanje emhlanganweni wekomiti lezemfundo esiShayamthetho ebelizophasisa lesi sabelomali.
Uveze nokuthi kumiswe nezinhlelo ezintsha zokulungiswa kwezikole, ngaphandle kwalezo ezikhahlanyezwe yizimvula nesichotho.
Lokhu kusho ukuthi izikole ezidinga ukulungiswa zizothi ukuma kancane ngenxa yezinselelo.
Kulo mhlangano, uMphathiswa woMnyango uMnuz Sipho Hlomuka, unxuse ukuthi leli komiti lisebenzisane nelezezimali ukuthi kuyiwe kuMgcinimafa, kuyonxuswa ukuthi achathazele lo Mnyango imali.
UHlomuka ubuye waveza eyobugebengu obenzeka ezikoleni kanjalo nezehlakalo zokuhlaselwa kothisha, balinyazelwe emagcekeni ezikole, wathi kudinga ukubambisana kwezinhlaka ezehlukene.
Uthe onogada abakhona ezikoleni baqashwe ngumnyango abaqashiwe yizinkampani ezizimele njengoba kunamalungu esiShayamthetho abethi kumele onogada baqashwe ngumnyango.
UNksz Hlengiwe Mavimbela we-ANC, uvumelene nombono wokuthi basebenzisane nekomiti lezezimali ukuze kuyiwe kuMgcinimafa kuyonxenxwa ukuthi achathazele lo mnyango imali.
Ukhale ngesimo esingesihle sokuthi kuzogqoza ukuhlinzekwa kwamathuluzi okusebenza ezikoleni ekubeni kubhekwe imiphumela ka-matric ekupheleni konyaka.
UMnuz Siphiwe Moyo weqembu i-MK, ukhale ngokushoda konogada ezikoleni zesifundazwe nabafundi abangakuqondi abakufundayo uma beqhathaniswa namanye amazwe.
I-MK ne-EFF abasesekanga isabelomali, kwathi amanye amaqembu okuyi-ANC, IFP ne-DA baseseka.