OMUNYE wabaqokwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ukuheha abatshali bezimali uthi abantu kumele babekezele ngoba kusazothatha isikhathi ukuguqula isimo sezwe.
UNksz Phumzile Langeni, oyiPresidential Investor Emissary, ubekhuluma nosomabhizinisi izolo esithangamini senhlangano iBusiness Leadership South Africa (BLSA) eThekwini. Uqokwe ngo-Ephreli nabanye abathathu ukuthi bazame izindlela zokungenisa ezweni li * $1 billion eminyakeni eyisihlanu. Utshele osomabhizinisi ukuthi umkhankaso kamengameli obizwa ngeThuma Mina, ngeke uphumelele uma engalekelelwa.
Uvumile ukuthi isimo ezweni simanzonzo kuzo zonke izinhlangothi, ikakhulukazi kwezomnotho.
“Abantu balahlekelwe yithemba, kubonakala ngokwanda kwemibhikisho nsuku zonke. Awulula umsebenzi esinikwe wona kodwa okuhle wukuthi umengameli uhambe phambili wadlulisa umyalezo. Kuzothatha isikhathi ukuthola izindlela zokuheha abatshali bezimali nokudayisa kahle izwe lethu. Emazweni angaphandle uma ufika khona babuza ngesimo sezepolitiki esingesihle nenkohlakalo. Lezi ngezinye izinto ezixosha abatshali bezimali,” kusho uNksz Langeni.
Yize ethe kuzothatha isikhathi ukulungisa isimo, uNksz Langeni uthe kukhona okuthembisayo osekwenzekile selokhu kuthathe umengameli omusha. Phakathi kwakho ubale ukuqokwa kukandunankulu omusha eNorth West emuva kwezinkinga nokungalawuleki kwesifundazwe. Unxuse osomabhizinisi ukuthi basizane nohulumeni ukushintsha isimo, wathembisa ukuthi bazohlangana nabo ezifundazweni zonke ukuzwa umbono wabo. Ugcizelele nokuthi balekelele ukudala amathuba omsebenzi ngoba uhulumeni ngeke akwazi eyedwa.
UMnuz Bonang Mohale oyisikhulu seBLSA, uthe osomabhizinisi bahlalelwe wumsebenzi omkhulu wokubuyisa isithunzi sezwe. Uthe inkinga yamazwe ase-Afrika akukona ukuthi ahlwempu kodwa ukuthi awalawulwa ngendlela efanele.
“Inkinga yisekutheni sikhetha abaholi abangafanelekile kodwa sinayo ingcebo. Umsebenzi esibhekene nawo manje wukubheka ukuthi silwa kanjani nokulawulwa koMbuso yidlanzana. Kumele sibheke nokuthi sizozinciphisa kanjani izindleko zikahulumeni nengqalasizinda ebizayo engadingeki,” kusho uMohale.
Uthe osomabhizinisi kumele babe phambili ekusizeni umengameli emkhankasweni wokuthunywa. Njengoba bezohambela zonke izifundazwe bebonisana nosomabhizinisi, kumele basho ukuthi kungani bengafuni ukutshala izimali kuleli. Abanye osomabhizinisi izolo bakhale ngezinga lokwehla kwemfundo abathe linomthelela ekungaqashweni kwentsha.