KUFUKULWE ngolwazi abafundi basezikoleni zaseThekwini ngomkhankaso obizwa nge-16 Days of Activism, okuhloswe ngawo ukuphikisana nodlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane.
Ezikoleni ebezibambe iqhaza kubalwa iZiphathele High yaseClermont, iNingizimu Special School yaseMontclair, iFulton School for the Deaf yaseGillitts neTholamandla Primary yaKwaMashu.
Omunye wabagqugquzeli balo mcimbi, uBeverley Mothlabane, uthe inhlosongqangi ukuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane ngokusebenzisa ubuciko nomdanso.
Ngokwezibalo zakamuva bangu-957 abantu besifazane nezingane ababulawe ezinyangeni ezintathu ezedlule kuleli. Abanye besifazane asebeke babulawa ngesihluku kuleli ngoTshegofatso Pule (28), owayenezinyanga ezingu-8 ekhulelwe, futhi isidumbu sakhe esatholakala silenga esihlahleni eRoodepport, ngo-2020; u-Uyinene Mrwetyana, owabulawa ngo-Agasti, 2019, ngesikhathi ezama ukulanda iphasela ePosini laseCape Town noNksz Hillary Gardee (28), oyindodakazi yobengunobhala we-EFF, uMnuz Godrich Gardee, watholakala efile.
UBeverley ubuye wathi bagqugquzela ukuba intsha ifundiswe ngokudweba isesezikoleni ukuze ikwazi ukuphila ngamakhono.
Esephetha, uBeverley uthe lo mkhankaso uzoqhubeka nangenyanga ezayo sekukhona nezinye izikole.
Omunye wababambe iqhaza kulo mcimbi umdwebi owaziwayo, uXola Mlandu.