Nkosikhona Cele
KUQOPHEKE umlando ebandleni lamaRoma aKhatholika ngesikhathi kubekwa ngokusemthethweni owokuqala ngqa okhuluma isiZulu phaqa njengo-Archbishop omusha ozokwengamela i-Archdiocese of Durban.
Obebekwa nguMbhishobhi Siegfried Mandla Jwara ongomunye wabaholi baleli bandla oseklame indima enkulu kulona.
UMbhishobhi Jwara uvela emhlanganweni wamaRoma Akhatholika iCongregation of the Missionaries of Mariannhill (CMM) owasungulwa ngu-Abbot Francis Pfanner.
Inkonzo yokubekwa kwakhe ngokusemthethweni beyiseCathedral, eThekwini. Uzongena esikhundleni sikaCardinal Wilfred Fox Napier yena osemhlanganweni i-The Order of Friars Minor (OFM) owasungulwa nguFrancis of Assis ngo-1209.
Phakathi kwamaPherishi awaholile ngaphansi kweDayosisi yaseMariannhill kubalwa iClairvaux Mission, Loteni Mission, St. Wendolin’s Mission eKlaarwater ne-Einsideln Mission.
UFata Bheki Shabalala onguProvincial Superior wamaCMM ukuchaze njengokuvuleka kwekhasi elisha ebandleni lamaRoma Akhatholika ukubekwa komuntu okhuluma isiZulu esikhundleni esiphezulu kangaka.
Uthe lokhu kuyingqophamlando okusazokhulunywa ngayo naseminyakeni ezayo. Umhalaliselile uMbhishobhi Jwara.
“Ukuqokwa kwakhe kusho lukhulu kakhulu ebandleni lamaRoma Akhatholika ngobubanzi balo. Siyamhalalisela kakhulu ngokufinyelela kulesi sigaba esimqoka kangaka. Okuyikona okusijabulisa kakhulu ukuthi uvela emhlanganweni wamaCMM,’’ usho kanje.
UMbhishobhi Jwara uzwakalise ukujabula okukhulu ngokuthenjwa kwakhe ubuholi obuphezulu baleli bandla. Uthembise ukusebenza ngokuzikhandla emsebenzini wakhe omusha ajutshelwe kuwona.
Kafishane ngoMbhishobhi Jwara uzalelwe eBreamar, eMzinto. Uneminyaka engu-64. Uyise nguMnuz Alfred Njinga Jwara, unina nguNkk Desideria Jwara (uMaMkhize).
Wagcotshwa waba nguMdikoni egcotshwa nguMbhishobhi Mansuet Biyase ngomhla ka-31 Meyi 1986 eCedara.
Wagcotshelwa ukuba uMphristi egcotshwa nguMbhishobhi Paul Themba Mngoma ngomhla ka-14 Febhuwari eHimmelberg Mission.
Kusukela ngo-1989 kuya ku-1990, wenza izifundo zeHuman Development Formation and Leadership eSt. Anselm’s eNgilandi. Uke waba nguVicar Apostolic waseNgwavuma.