KUHLAKAZWE umkhandlu owengamele iMangosuthu University of Technology (MUT), kwaqokwa umlawuli wesikhashana ozokwengamela isimo kule nyuvesi.
UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, iSayensi nokuQeqesha, uDkt Blade Nzimande, ujube uSolwazi Lourens Van Staden ukwengamela umkhandlu wale nyuvesi.
UNzimande ukwenze lokhu emuva kwezinkinga ezibe khona kule nyuvesi njengoba aze ajuba uphenyo olwaluholwa nguSolwazi Anthony Staak, owathola ukuthi kwakukhona ukugxambukela komkhandlu omdala ezintweni ezithinta ukuphathwa kwalesi sikhungo.
Sekube nezinhlaka ezehlukene ebezihlaba ikhwelo lokuthi kumele kwenziwe okuthile ukubuyisa uzinzo kule nyuvesi okubalwa namalungu ekomiti lemfundo ephakeme ePhalamende. Isimemezelo esikhishwe nguRegistrar wale nyuvesi, esibhekise kwizitshudeni nakubasebenzi, sidalule ukuthi uNzimande uthumele incwadi ngeledlule lapho ebebazisa khona ukuthi uzoqoka uVan Staden ukuthi alawule umkhandlu.
Uthe wonke amandla athinta umkhandlu azokwenganyelwa nguVan Staden kusuka ngeledlule.
Okhulumela umnyango, uMnuz Ishmael Mnisi, ukuqinisekisile ukuthi uNzimande uqoke uVan Staden ukuba alawule okwesikhashana umkhandlu waseMUT.
Kwenzeka lokhu nje le nyuvesi ngoJulayi nonyaka ivale isikhala sikaSihlalo walesi sigungu ngoNksz Sanelisiwe Mnyandu emuva kokusula kukaMnuz Morailane Morailane.
UNksz Mnyandu, oyilungu leMUT Convocation, wathi uyazi umthwalo abhekene nawo njengoba ethatha izintambo kuMorailane. UStaak wathola ukuthi kunokuhlukana phakathi kule nyuvesi futhi kukhona ababesaba ukukhuluma ngokukhululeka.
Wathola nokuthi kwakungekho ukusebenzisana nobudlelwane obuhle phakathi kukasihlalo womkhandlu wenyuvesi kanjalo nowayengumphathi wale nyuvesi, uDkt Duma Malaza, owagcina ngokushiya kule nyuvesi.
Uphenyo lukaStaak lwamkhipha phambili uMalaza, owamiswa wumkhandlu wenyuvesi umsola ngokuthi wakhipha omunye wemisebenzi ngendlela okungeyona.