UKUQINISEKISA ukuthi izivakashi ziphephile, uhulumeni utshale uR174.5 million ukuvikela izindawo ezihanjelwa kakhulu yizivakashi, waqasha nabaqaphi abawu-2 300.
Lezi zindaba zivezwe wuNgqongqoshe wezokuVakasha, uNkk Patricia de Lille ngesikhathi evula ngokusemthethweni umbukiso wezokuvakasha, i-Africa’s Travel Indaba oseNkosi Albert Luthuli Internatonal Convention Centre (ICC), eThekwini.
UNkk de Lille uthe basebenzisana nezinhlaka ezehlukene kusukela kuhulumeni kazwelonke, amaphoyisa kahulumeni nawomasipala ukuqinisekisa ukuthi izivakashi ziphephile.
Uthe amaphoyisa atshalwe ngobuningi bawo e-ICC nakwezinye izindawo ezihanjelwa yizivakashi.
Amazwi akhe ananelwe wuSomlomo weTheku, uMnuz Thabani Nyawose oveze ukuthi umasipala uwatshale kuwo wonke amakhona aleli dolobha amaphoyisa kanti ngisho emalokishini azobe ebonakala.
Ngaphandle kwamaphoyisa ahamba ngezinyawo, uNyawose uthe basebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukuqapha ubugebengu.
“Sitshale uR8.1 million sithenga imishini yobuchwepheshe esisiza ukuqapha ubugebengu. Lokhu sikwenzela ukuvikela izakhamuzi zeTheku nezivakashi ezisiza ukufukula umnotho nokudala amathuba omsebenzi. I-Africa’s Travel Indaba ngomunye wemibukiso ekhombisa ukuthi iTheku likulungele ukuhweba namanye amazwe nokwamukela izivakashi. Ezokuphepha siziqaphe ngeso lokhozi. Njalo ngonyaka siyawandisa amaphoyisa kamasipala ngokuqasha awu-400,” kusho uNyawose.
UNkk de Lille uthe umkhakha wezokuvakasha ubalulekile ngoba ngonyaka odlule ungenise uR458.9 billion emnothweni.
Uthe kuyamjabulisa ukubona abantu bakuleli bevakasha wabagqugquzela ukuthi nakulo nyaka benze njalo njengoba kuzoba nezipesheli ngaphansi komkhankaso we-Shot Left ezizoqala ngoSepthemba 2 ziphele ngoSepthemba 8.
Uveze ukuthi i-Africa’s Travel Indaba iyakhula njengoba inamazwe awu-26 ase-Afrika okukhona kuwo namabili amasha okuyi-Burkina Faso ne-Eritrea aqalayo ukuza kulo mbukiso.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe i-Africa’s Travel Indaba ibalulekile ngoba yenzeka ngoMeyi okuyinyanga ye-Afrika kanti indikimba yalo nyaka ethi, Unlimited Afrika, yinhle kakhulu.
Uthe bayajabula ngokuthi umkhakha wezokuvakasha ususesimeni esingcono kakhulu kunaleso owawukusona ngesikhathi seCovid-19.