MBALI KHANYILE
SIZOGUBHA inyanga yabantu besifazane ngokubungaza imbokodo emcimbini obizwa ngeMother and Daughter ozobe useMfolozi Casino eMpangeni isiteshi somphakathi iCora FM.
Inhloso yalo mcimbi ozobe ukusasa ukuzama ukuqinisa ubudlelwano phakathi komama namadodakazi abo ngokusho kukaNksz Nozipho Zulu ongomunye wabagqugquzeli balo mcimbi.
“Siye sabheka ukuthi esikhathini esiphila kuso izingane zamantombazane zigcina zenze izinto ezimbi ngenxa yokwesaba ukukhuluma nomama.
Ngalo mcimbi sihlose ukweluleka bonke omama namadodakazi ngokubaluleka kokuqina kobudlelwano,” kuchaza uNksz Zulu.
Uthe bakholwa ukuthi ukuba ngamahlongandlebe kwamantombazane kusuke kudalwa nawukuthi omama abaziniki isikhathi esanele sokuxoxa namadodakazi abo yingakho behlela lo mcimbi.
“Ukuxoxa ngazo zonke izinto nezingane zethu kwenza ukuthi zikwazi ukugwema izilingo ziphinde zikwazi nokuthatha izinqumo eziphusile ngaso sonke isikhathi,” kubeka le ntokazi.
Phakathi kwezihloko athe kuzokhulunywa ngazo kulo mcimbi ubale ukubuyiswa kwesimilo kubantu besifazane, ukukhuliswa kwezingane ngaphandle komshado, ukunaka izingane nomsebenzi nokunye okuningi.
Izikhulumi ezizobe ziyingxenye yomcimbi weMother and Daughter nguNkk Thembeka Mchunu oyiMeya oThungulu, uZanele LaMbokazi Nkambule, noNkk Qhamukile Bulunga we-NRB Business Woman okuyinhlangano egxile kakhulu kubantu besifazane abanamabhizinisi.
Amathikithi okungena kulo mcimbi oqala ngo-5 ntambama nozophela ngo-12 ebusuku atholakala emnyango ngo-R200.