UMASIPALA iTheku umemezele ukuthi kusukela ngoJuni 20 uqala uhlelo lokunqamulela abantu amanzi ngenhloso yokuwonga.
Lolu hlelo kulindeleke ukuthi luqhubeke kuze kube wuJulayi wangonyaka ozayo.
Umasipala uthi lokhu kubangelwe wukucekeleka phansi kwengqalasizinda yamanzi yaseMgeni Water lapho bethenga khona amanzi.
Ingqalasizinda yacekeleka phansi ngesikhathi sezikhukhula zango-Ephreli, okubikwa ukuthi kwanqamuka phakathi amapayipi amakhulu amanzi.
Umsebenzi wokulungisa umonakalo kulindeleke ukuthi uthathe izinyanga eziphakathi kuka-10 nezingu-12.
Umkhandlu ukhiphe uhla lwezindawo nesikhathi amanzi azonqanyulwa ngazo.
UMnuz Msawakhe Mayisela, ongumkhulumeli kaMasipala iTheku, uthe bathathe isinqumo sokuphakela amanzi ngokuwonga ezindaweni eziphakelwa yisiphehlimanzi, iDurban Heights Water Treatment Plant.
Uqhube wathi isiphehlimanzi senganyelwe wuMgeni Water, okuyinkampani kahulumeni abathenga kuyona amanzi.
“Isimo esingaphezu kwamandla ethu futhi siyaxolisa kakhulu ngaso emphakathini. Sicela umphakathi ukuqonde ukuthi sihlaselwe yizikhukhula, okwenze ingqalasizinda yoMgeni Water ikhinyabezeke,” kusho uMayisele.
Uqhube wathi amapayipi amakhulu aphakela isiphehlimanzi acekeleke phansi, okwenza ukuthi umthamo wamanzi inkampani ewunikeza umasipala ube mncane.
Udalule ukuthi isiqashiwe inkampani ezokwenza umsebenzi wokulungisa umonakalo owadaleka, wanxusa umphakathi ukuthi ubabekezelele.
“Inhloso yethu wukuthi siqiniseke ukuthi imiphakathi yethu ithola amanzi ahlanzekile ngokulinganayo,” kusho uMayisela.
Umkhandlu uthi uzowubikela umphakathi uma kwenzeka kuba nezinguquko ohlelweni ozoluqala.
Kuqalwa lolu hlelo nje eminye imiphakahi eyakhele iTheku ivele idonsa kanzima ngenxa yokuntula amanzi kusukela ngezikhukhulaw