IPHETHE kabi ingxabano yezinsizwa ezimbili kuphuma isidumbu ebhishi eliseMhlanga, namuhla ekuseni.
Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo, kuthiwa bekungabo10.44 ekuseni namuhla, ngesikhathi kubonakala ababili bexabana. Oyedwa wabo ukhiphe isibhamu i-9mm wadubula umufi esinyeni.
“Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola ukuthi umgilwa umelwe yinhliziyo ngemuva kokudutshulwa. Yize enikezwe usizo oluphuthumayo isimo sakhe sibe sibi kakhulu waphangalala khona lapho,” kusho uShawn Herbst okhulumela abeNetcare 911.
Uqhubeke wathi amaphoyisa ayaphenya ngokuholele kulesi sigameko.