UKUXINWA wukugula komunye ummeli wabamangalelwa, wokuqala nowesibili, u-Advocate Thulani Mngomezulu, kuphinde kwaphazamisa ukuqulwa kwecala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng ngoLwesihlanu. Lezi zindaba zidalulwe nguzakwabo kaMngomezulu, u-Advocate Ramosepele.
Uthe ushayelwe ucingo phakathi kwamabili ngoLwesihlanu nguMngomezulu emazisa ukuthi usexinwe wukugula ngakho kufanele abonane nodokotela ngoLwesihlanu ekuseni. Kuhluleke ngisho ummeli womsolwa wesithathu, u-Advocate Charles Mnisi, ethi ukuqulwa kwecala kungaqhubeka ngoba ukhona uRamosepele kodwa uRamosepele uthe ngeke kulunge ngoba nguMngomezulu ojutshelwe ukubhekana nesigaba esibizwa ngeTrial within trial (ukuqulwa kwecala phezu kwelinye). URamosepele uthe angaqhubeka necala ngoMsombuluko ngoba angabe esezilungiselele. Sekungokwesibili uMngomezulu egula selokhu efakwe kuleli cala.
Kubuye kwavela ukuthi ukuhlolwa komshini obizwa nge-AVL kuyahoxiswa ngoba abameli bashayelene izingcingo ngezintathakusa kudingidwa ukuthi asisekho isidingo salesi sicelo.
Bekulindeleke ukuba kufakaze omunye usayitsheni okuthiwe ubhala izivivinyo zokuphela konyaka ngesonto elizayo. IJaji uRatha Mokgoatlheng linxuse abameli boMbuso ukuba babuye bezilungiselele ngoMsombuluko ngoba uyasola ukuthi kunabantu abangenandaba naleli cala. "Sidlala uFafi. Ilala vuka."
UMeyiwa wabulawa ngokudutshulwa esekhweni lakhe kwaKhumalo, eVosloorus, eGoli, ngo-Okthoba 26, 2014.