ISAZI sezomthetho sithi uma abasebenzi bengaziphathi kahle noma bengekho emsebenzini, bangakhonjwa indlela.
Ngempelasonto, kuvele i-vidiyo kaNksz Nobuntu Mkhize, ebukeka exakazisana nabasebenzi basebhanoyini.
Kuthiwa ibhanoyi belisendleleni eya eKapa, lisuka eThekwini, ngoLwesine. Ngokwekhasi lakhe le-LinkedIn, uqashwe njengeBrand Manager yeSABC kusuka ngo-Agasti nonyaka.
U-Advocate Swelihle Mfeka, utshele Isolezwe ukuthi ukungaziphathi kahle kungangcolisa igama lenkampani.
“Inkinga wukuthi kuvele kuthiwe usibanibani weSABC. Mina njengommeli uma kukhona engikwenzayo bese kuthiwa ummeli waseGoli usibanibani, akugeji i-LPC izongibeka icala ithi ngibeka ubumeli egameni elibi. Uthole ukuthi bengingekho ngisho emsebenzini,” kusho uMfeka.
Uthe abantu kumele baziphathe kahle ngaso sonke isikhathi ukuze bangazitholi besenkingeni.
“Yena okwakhe kudlulele kakhulu ngoba uyi-Brand Manager, nguyena muntu okumele avikele igama leSABC. Ulifake yena igama lenhlangano nasesixakaxakeni sakhe, nakanjani seliyathinteka. Yisenzo esikuxoshisayo lesi. Ukudicilela phansi isithunzi senkampani ngamacala ajwayelekile impela,” kuqhuba uMfeka.
Okhulumela inhlangano, uMmoni Seapolelo, uthe iSABC iyibone ngokukhathazeka le vidiyo futhi izosebenzisa imigudu yangaphakathi ukuxhumana naye.
“I-SABC iphatheke kabi ngalesi sigameko futhi ihlale igqugquzela abasebenzi bayo ukuthi balandele imigomo yeSABC yenhlonipho nokuziphatha kahle. Kule vidiyo, umsebenzi uphatha igama leSABC, athi isigameko sizosakazwa ezindabeni zeSABC. Sithanda ukugcizelela ukuthi iSABC News ilawulwa yimigomo, izimele futhi izinqumo ezithinta zonke izindaba zithathwa lapho kusebenzela khona izintatheli, akugxambukeli ongasebenzi khona,” kusho uMmoni.
I-IOL enguzakwabo weSolezwe, ibike ukuthi iFlySafair, ithe lo wesifazane isimfake ohlwini lwabantu abavaliwe ukugibela amabhanoyi ayo.
Kwi-vidiyo uNobuntu uzwakala efaka negama le-ANC.
Esitatimendeni, i-ANC ikugxekile ukuziphatha kwakhe yaziqhelelanisa nesenzo sakhe, yathi azihambisani nemigomo yenhlangano.
“Ngisho ngabe uyilungu le-ANC kodwa sithanda ukukubeka kucace ukuthi akukho muntu onelungelo lokuziphatha ngale ndlela engamukelekile ikakhulu esebenzisa budedengu igama le-ANC. Sesijube uphenyo ngobulungu bakhe. Noma kuqinisekiswa ukuthi uyilungu kodwa ukuziphatha kwakhe akwamukelekile futhi kuyahlambalaza,” kusho i-ANC esitatimendeni.
Ekhasini okuvela ukuthi ngelakhe uNobuntu, bekufakwe umbhalo osuphinde wasuswa othi ubehlaselwa.
Uthe udaba selusezandleni zabameli bakhe.