UMasipala weTheku uthi ushaqekile ngokuvela kwe-video ekhombisa umsebenzi wawo elele eze elenga ngaphandle kwesihlalo somshayeli emotweni yomkhandlu, eduze kwakhe kunebhodlela likabhiya.
UNkk Gugu Sisilana okhulumela uMasipala weTheku, uthe yize bengazidingidi emphakathini izindaba zabasebenzi bomkhandlu kodwa imenenja kamasipala, uDkt Musa Mbhele, isijube ukuba kube nophenyo oluyisipesheli ngalolu daba.
Kule video eshuthwe yisakhamuzi saseThekwini, kuvela ukuthi bekuwo-2 ntambama ngoLwesihlanu, enxanxatheleni yezitolo iWatercrest eseHillcrest, ngesikhathi izakhamuzi ebezikhathazekile zibona imoto yomkhandlu ivulwe izicabha zathi uma ziyobheka zathola ukuthi kunomsebenzi olele, eceleni kwakhe kunebhodlela likabhiya.
Obeshutha uzwakalise ukunengeka wacela ukuthi kuthathwe izinyathelo ngobudedengu balo msebenzi.
UMasipala weTheku uthi uyaluphenya udaba lomsebenzi okusolakala ukuthi ubedakiwe ehamba ngemoto yomkhandlu
— Isolezwe News (@IsolezweNews) January 14, 2024
🎥Izinkundla zokuxhumana pic.twitter.com/F2lqmZ90Zx
Ukhale ngokuthi kuyacaca ukuthi ubeshayela edakiwe njengoba eze wakwazi ukupaka enxanxatheleni yezitolo.
Le moto ibipakwe yatsheka, ingemuva layo lancika kakhulu kukhonkolo ongasekugcineni yendawo yokupaka. Ukhiye wemoto ubufakwe kwi-ignition.
UMbhele uthe iTheku likuhambisa phambili ukuthunyelwa kwezidingo kubantu ngakho alihambisani nokuthi kuxhashazwe izinsiza kusebenza zomkhandlu.
“Njengamanje le moto ebonakala kwi-video ipakiwe ophikweni lwethu lwamapaki kodwa selukhona uphenyo esilwenzayo. Esingakusho wukuthi izindaba zabasebenzi nophenyo olusuke lwenziwa azidingidwa nezinye izinhlaka njengoba umasipala usuke ulandela umthetho,” kusho uMbhele esitatimendeni sabezindaba.