KUPHELE amathemba okuqashwa kwabanye abahlengikazi ngesikhathi bebona kuphume inqwaba yabahlengikazi abangasebenzi beyozama inhlanhla emkhankasweni woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, wokuqasha abahlengikazi.
Bangaphezu kuka-8000 abahlengikazi ababambe ulayini ezinkundleni zemidlalo ezingaphandle kwesibhedlela Inkosi Albert Luthuli belindele ukwenza inhlolokhono emuva kokuthi uMnyango wezeMpilo esifundazweni umemezele ukuthi ufuna ukuqasha abahlengikazi abangu-300. Umnyango bewucele ukuthi abahlengikazi abanezicucu zokuba ngo-enrolled nurses abangu-150 nabanezicucu zokuba ngama-enrolled nursing assistants abangu-150 bazofaka izicelo zomsebenzi.
Abanye babahlengikazi bazwakalise ukuthi sebezoyizama inhlanhla kodwa abanalo ithemba lokuthi bazoqashwa ngoba bebona izinkumbi zabahlengikazi ebezime ulayini omude.
UNksz Sdudla Zondi waseNew Hanover ngaseMgungundlovu, obeseneminyaka emithathu elinde ukuqashwa emuva kokuqeqeshwa esikhungweni esizimele iMpumalanga Nursing College, e-Appelsbosch uthe ufike ngehora lesine ekuseni ezinkundleni zemidlalo ngoba enethemba lokuthi uzoba ngomunye wabokuqala. Uthe uselindele ukuzwa noma yini kodwa unovalo ngoba bebebaningi kakhulu.
UNksz Sibusisiwe Mambumbu (24) uthe ubeselinde ukuqhubeka ayobhala izivivinyo zenhlolokhono kodwa naye ukhale ngokufanayo
“Angikholwa ukuthi ngizowuthola umsebenzi. Sibaningi kakhulu esize la kumanje (esho izolo) ngisamile kodwa ngifike ekuseni,” kusho uNksz Mambumbu.
Omunye umhlengikazi othe uvela eZululand ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe, uthe kungcono ukube bekuhlukaniswe ngezifunda abantu benze inhlolokhono ezifundeni zabo. Uthe abanye babo baboleke imali ukuze bagibele, kwababiza imali enkulu ngoba besuka kude.
ABANYE abahlengikazi baqale ukulahlekelwa yithemba ngesikhathi befika bebona inqwaba yabantu abebezimisele ngemisebenzi engu-300 ekhishwe nguMnyango wezeMpilo KwaZulu-NatalIsithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/African News Agency (ANA)
Iningi labahlengikazi abebeze kule nhlolokhono baqeqeshwe ezikhungweni ezizimele.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sbongiseni Dhlomo, uthe kubuhlungu kakhulu ukubona abahlengikazi abaningi ngale ndlela bezozama ukuthola amathuba omsebenzi.
“Kubuhlungu kakhulu uma ubuka izinkumbi zabantu bakithi ababalelwa ku-10 000 kuya phezulu abafuna amathuba emsebenzi abaqeqeshwa baba ngo-nursing assistant abanye baqeqeshwa baba ngo-staff nurse beqeqeshwa yizikhungo ezizimele zakhona la esifundazweni, babaqeqesha bangabenzela lutho, babashiya kanjalo bethi abazifunele imisebenzi,” kusho uDhlomo.
Uthe baze baba nomhlangano nalezi khungo bezicela ukuthi azehlise isibalo sabafundi. UDhlomo uthe basizwe yimali ekhishwe yisikhwama sikamengameli wezwe.
Uqhube wathi abantu bangabagxeka ngokuletha abantu, okukhona kubo abasuka kude ngenxa yezikhala ezingu-300.
Uthe bakwenze lokhu ngoba befuna labo abazothathwa bakwazi ukuqala ukusebenza ngoJanuwari 1 ngonyaka ozayo. Unxuse abazobe bengathathwanga ukuthi bangalilahli ithemba.