BAZOYA eNkantolo yokudluliswa kwamacala, eBloemfontein ngoLwesine bezihudula abaseBuhleni njengoba beveze ukuthi kabanalo ithemba lokuthi kukhona okuzoshintsha isinqumo samajaji ngecala lombango wobuholi bamaNazaretha.
Lokhu kuvezwe ngokhulumela lolu hlangothi, uMnuz Thokozani Mncwabe, othe ngokuhlaziya kwabo icala, buqinile ubufakazi bokuthi umholi waseThembezinhle waqokwa wuThingo.
Uthe ubufakazi abebebambelele kubona bokuthi isandla soThingo esasayina incwadi eqoka umholi waseThembezinhle, ingumkokotelo, sebuchithwe kwaze kwaba kabili enkantolo, akaboni ukuthi yini esingashintsha manje.
“Ukube savuma ukuthi isandla esisayine incwadi eqoka umholi waseThembezinhle yisona esoThingo, sabe sesima ngokuthi lwaluphoqiwe, ngabe kungcono.
“Ubufakazi buveza ukuthi uThingo yilona ngqo olwasayina njengoba sasimi ngokuthi incwadi ingumkokotelo.
“Silindele noma yini ezokwenzeka bese sizwa ngoNyazi ukuthi yikuphi okumele sikwenze.
“Inkinga wukuthi kunabantu esinabo eBuhleni abathembisa abantu into engekho.
“UNyazi lwasho ngesikhathi silahlwa yicala okwesibili eMgungundlovu, ukuthi kungabe kusaqhutshekwa nalo kodwa oNcwane baphoqa ukuthi aliqhubeke,” kusho uMncwabe.
Uthe azikho nezinhlelo abanazo beyibandla zokuya eBloemfontein, ngaphandle kokuthi kuyohamba ubuholi akholwa wukuthi kungaphuma amatekisi amabili kuphela.
UNyazi uthe nalo ngeke lulubhade enkantolo. Uthe kodwa ababavimbi abathanda ukuya uma bezihlelela ukuya khona.
UMHOLI wamaNazaretha aseThembezinhle, uMnuz Phinda Shembe ongase abe wumholi wamaNazaretha aseBuhleni jikelele uma inkantolo iphinda ivuna abaseThembezinhle Isithombe: SIGCINIWE
Unobhala wamaNazaretha ozinze eThembezinhle, uMshumayeli Chancey Sibisi, uthe bona kabanakho nokuncane ukungabaza ngokuzokwenzeka enkantolo.
“Akukho okuzoshintsha isinqumo. Sisazophinda sisivune.
“Ezintweni esizishoyo akukho okwenza sibe nokwesaba ngoba siyakwazi futhi singakumela konke. Sesilinde usuku bese kuyaphela,” kusho uSibisi.
Uveze ukuthi uma inkantolo ithatha nesinqumo sokuthi kube khona ababoshwayo kuzoboshwa uNyazi kuqala nabathatha izinqumo nalo.
Uthe azikho izinhlelo zokuthi kuye abantu abaningi enkantolo ngaphandle kobuholi futhi nomholi walolu hlangothi uthe ngeke aye enkantolo.
Icala lombango wamaNazaretha liqale ngo-2011 ngemuva kokukhothama koThingo olwaluhola ibandla.
Lokhu kwadalwa wukumenyezelwa kwabaholi ababili ngosuku lomfihlo walo, okwaba wumholi uMduduzi Shembe uNyazilwezulu nomholi uVela Shembe Imisebeyelanga.
Umholi uVela naye usekhotheme njengoba sekungene umholi uPhinda Shembe Inkanyezi Yesithathu esikhundleni sakhe.