NAMUHLA kuhlangana iminyaka emibili kwakhothama uNdlunkulu Mantfombi Dlamini-Zulu, ongunina weSilo esibusayo uMisuzulu kaZwelithini.
Ngalolu suku ngo-2021, kwahlwa emini kwaZulu ngesikhathi uNdlunkulu Mantfombi Zulu (65), waba yibambabukhosi ngemva kokwebuza kukaMdlokombane, iSilo uZwelithini.
Walandela iSilo uZwelithini esabuza ngoMashi 12, ngawo u-2021. Ngesikhathi ikhothama iNdlunkulu kwaba nemibiko yokuthi wayesegule isikhathi eside okuyinto eyamqala kusaphila uMdlokombane.
Okwakumnika amandla ukuthi abe yibambabukhosi njengoba iSilo uZwelithini sinabanye oNdlunkulu abasaphila, ukuthi uNdlunkulu Mantfombi wayelotsholwe yisizwe sakwaZulu futhi ezalwa ebukhosini ngoba uyindodakazi yeSilo uSobhuza l l. UNdlunkulu uMntfombi ungudadewabo weSilo saseSwatini, uMswati II osesihlalweni njengamanje.
Kuke kwanemibuzo ngokuthi ngubani ozothatha isihlalo? Yasheshe yaphuma impendulo ngenkathi kwaziswa isizwe sasheshe. Kwamenyezelwa indodana yakhe iSilo uMisuzulu. Ngokwencwadi yefa eyafundwa eNdlunkulu, kwavela ukuthi uNdlunkulu wayephakamise igama leSilo uMisuzulu, ukuthi kube nguyena othathe isihlalo sobukhosi bakuZulu. ISilo uMisuzulu uyindodana yokuqala kaNdlunkulu Mantfombi Zulu.
Ukuvela kwegama leSilo uMisuzulu kwasibekelwa yifu elimnyama ngoba abanye baseNdlunkulu baphakamisa igama, likaMntwana uSimakade. UMntwana uSimakade naye uzalwa nguMdlokombane kwenye intombi kodwa hhayi kuNdlunkulu uMantfombi.
Ngesikhathi kumenyezelwa igama leSilo uMisuzulu, uNdunankulu kaZulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi wayethe ngeke kube namsindo ngesihlalo ngoba uNdlunkulu ushiye incwadi yefa enegama lomholi amphakamisile.
Lokhu akwehlanga kahle kwamanye amalungu aseNdlunkulu afuna ukuthi kube nguMntwana uSimakade othatha isihlalo.
Imizamo yokuthi iSilo uMisuzulu singahlali esihlalweni yagcina ichithwe yinkantolo, iSilo uMisuzulu samenyezelwa njengesisemthethweni.
Emva kokuchithwa koMntwana uSimakade, iSilo uMisuzulu sithathe isihlalo sikayise sagcotshwa ngokusemthethweni, kwakhishwa nesitifiketi esiqinisekisa ukuthi useyiSilo, nguMengameli uRamaphosa.
Njengoba ithimba loMntwana uSimakade liwuvuse kabusha umbango wesihlalo sobukhosi, kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo ngoMeyi nonyaka.