NGESIKHATHI abanye othisha nabafundi bejabulela ukuvulwa kwezikole kuleli sonto, abafundi nothisha baseMthwane Senior Secondary eMzimkhulu bashaqekile bezithela phezu kwesimanga esenze bangakwazi ukufunda nokufundiswa.
Kwelinye lamagumbi akwaGrade 10, bekunenguzunga yetshe lethuna ebelibukeka lisanda kwenziwa.
Okubashaqise kakhulu wukuthi bebengazi ukuthi kuleli gumbu kunethuna, yize emagcekeni esikole ukhangwa ngamathuna ungena nje.
Ngesikhathi leli phephandaba lihambele esikoleni, lifice abazali begcwele isikole bezozibonela “umhlola”, kukhona namanye amathuna amathathu angaphandle, agudle amanye amakilasi. Bebethi bazozibonela ngoba abakholwanga betshelwa ngesiga esenze ukuthi ezinye izingane obekumele ziqale ukufunda kuleli gumbi, zisabe ngisho ukungena kwazise ithuna liseduze nebhodi.
Kuvela ukuthi kunomndeni ofikile ngaphambi kokuthi kuvulwe izikole, wazofaka itshe lethuna. Kuthiwa umndeni ufuna ukuzolembula itshe njengoba amagama kamufi esamboziwe.
Kuthiwa kwenzeka lokhu nje, kunombango oshisa phansi ngendawo okwakhiwe kuyo isikole. Kunomndeni othi isikole sakhiwa emathuneni awo.
Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uNkk Siziwe Mbokazi, uthe nyakenye kuke kwashuba kwaze kwavalwa isikole ngenxa yombango. Uthe bathukile futhi uma manje sekukhulunywa ngamathuna emaklasini.
Uthe abawazi lo mndeni othi indawo ngeyawo kodwa bezwa kuthiwa wawuhlala kule ndawo ngeminyaka yawo-1960.
Ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo, lo mndeni, imizamo yokuxhumana nawo engaphumelelanga, awuhlali endaweni ukhonjwa ePort Shepstone.
“Sikhathazekile singabazali ngoba kuphazamiseka ukufunda. Umnyango ngonyaka odlule ulethe amakilasi angomahambanendlwane awu-10 kodwa inkinga lapha yisesigangeni, akunamanzi nagesi futhi namagumbi okufunda kawanele nothisha abanayo indawo. Komkhulu bakhiphe indawo eyanele, sicela kwandiswe amakilasi kulethwe nezinsiza ezingekho izingane ziyeke ukuphazamiseka,” kusho uNkk Siziwe Mbokazi.
ITHUNA ekuvulwe izikole seliseklasini likaGrade 10 eMthwane Senior Secondary eMzimkhulu Isithombe: ZANELE ZULU/ ANA
Abafundi bakulesi sikole bangaphezulu kuka-400. Ikilasi ngalinye lithatha 40 wabafundi njengoba sekunethuna sekunekilasi elithathe ngaphezulu
kuka-80. Bonke labo bafundi benza izifundo ezahlukene, okuphazamisa nendlela yokufundisa. Izinga lokuphasa kwabafundi baka-matric belinyukile kulo nyaka lisuka ku-53% laba ngu-66.7%.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa uthe umnyango unolwazi ngalesi simo sasesikole.
“Leso yisimo esikhona kodwa umnyango sewubafakele amaklasini angumahambanendlwane ukuze kuqhubeke ukufunda nokufundisa,” kusho uMlotshwa.
Mayelana nodaba lombango wendawo, uthe sekuphele unyaka umnyango ucele ukuba baphumele obala abathi indawo ngeyabo futhi baveze okufakazela abakushoyo.