UHULUMENI uphake impi elwa nobugebengu emiphakathini ngokuthi aqinise izinsiza kusebenza ohlakeni iCommunity Policing Forum (CPF) KwaZulu-Natal.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube wethule izimoto ezingu-95 ezizosetshenziswa yiCPF.
Ezimotweni ezethuliwe kukhona namaVW Polo namaveni.
Uhulumeni wabe uR30 million walolu hlelo waveza nokuthi ezinye izimoto ezingu-95 zi-odiwe ziyeza.
Ukusho lokhu emcimbini obukade useHoy Park, eThekwini ngoLwesihlanu emini.
Ubuzinyaziswe usihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu eKZN, Inkosi uSifiso Shinga, amaphoyisa, abaholi bakahulumeni, abe-CPF namavolontiya.
“Izimoto zokuqala zizosatshalaliswa ezindaweni ezaziwayo ukuthi zinobugebengu obuningi. Kubekwe naseqhulwini izindawo zasemakhaya lapho kufakwe khona amakhamera namalambu amakhulu akhanyisa bha,” kusho uNdunankulu.
Uqhube wathi lezi zindawo zifakelwe nama-WiFi ukwenzela ukuthi ikhamera ikwazi ukubonakala noma ngabe ukuphi namaphoyisa akwazi ukwenza umsebenzi wawo ngokuphepha.
Udalule nokuthi abafuni kube nendawo lapho izigebengu ezizocasha khona.
Ube esekhuthaza ukubambisana kukahulumeni nazo zonke izinhlaka ezilwa nobugebengu nabezinkampani zonogada.
“Njengamanje asikakwazi ukuthi siluhlele udaba lonsumbulwane (imali yokuholela abeCPF) ngenxa yokuthi sithe uma sibona isibalo sabo nezimali ezikhona, azizokwazi ukwanela,” kucacisa uNdunankulu.
Nakuba bengeke bahole kodwa uNdunankulu ubaqinise idolo abeCPF wathi mkhulu umsebenzi abawenzayo. Uthe ngakho-ke kukhona okuncane abazothiphazisa ngakho ukuze bakwazi ukuqhubeka nomsebenzi abawenzayo ngesikhathi lusadingidwa udaba lokubaholela.
Usihlalo weCPF KwaZulu-Natal, uMnuz Mabutho Mtshali uthe igcagcele esokeni, baneminyaka engu-25 benza lo msebenzi, beyingakaze yenzeke into efana nalena esifundazweni.
“Sikhalile ngokushoda kwezinsiza kuNdunankulu nakuMphathiswa (uMnuz Sipho Hlomuka) basilalela. ”Kusukela manje kubhekwe phambili isiphakiwe impi elwa nobugebengu. Sizosebenzisana namaphoyisa siqinisekise ukuthi isifundazwe sivikelekile,” kusho uMtshali.
UHlomuka ubonge iqhaza elibanjwe i-CPF nabamahlelo ehlukene emphakathini okubalwa nezinkampani zonogada ezilwa nobugebengu.