UKULAHLEKA kwezibhamu zamaphoyisa minyaka yonke sekuqubule isiphakamiso sokuthi zifakwe ubuchwepheshe obuthile, obuzokwenza ukuthi zisheshe zitholakale.
Lesi siphakamiso senziwe yilungu le-EFF ePhalamende uDkt Mbuyiseni Ndlozi, belikhononda ngokwanda kokulahleka kwezibhamu zamaphoyisa. UNdlozi uphakamise ukuthi amaphoyisa ayibheke eyokuthi afake izibhamu zawo ubuchwepheshe beGPS, obuzokwenza ukuthi zisheshe zitholakale.
UNdlozi ukhale ngokuthi amaphoyisa alahlekelwa yizibhamu emsebenzini abudedengu.
Kuphinde kwaba nesiphakamiso sokuthi namaphoyisa uqobo kumele afakwe okuthile okuzohlonza lapho ekhona zikhathi zonke.
“Njengoba izimoto zamaphoyisa zifakwe okuthile okwenza zisheshe zitholakale uma zilahlekile, kumele ibhekwe eyokuthi namathuluzi okusebenza okuyizibhamu zifakwe lobu buchwepheshe. Lokhu kuzokwenza ukuthi zisheshe zitholakale uma zilahlekile. Ziningi kakhulu izibhamu ezisabalele emphakathini okugilwa ngazo ubugebengu,” kusho uDkt Ndlozi.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ubuholi bamaphoyisa obuhlanganisa uKhomishana uGeneral Fannie Masemola, noNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu, buhambele umhlangano wekomiti lasePhalamende lamaphoyisa ukuyokhuluma ngesabelomali sonyaka.
Emhlangannweni kuvele ukuthi njalo ngonyaka zibalelwa ngaphezu kuka-700 izibhamu zamaphoyisa ezilahlekayo.
UMasemola uvumile ukuthi izimoto zamaphoyisa zinabo ubuchwepheshe bokwenza ukuthi zitholakale uma zilahlekile.
“Indaba yokufaka lo buchwepheshe ezibhamini, yinto esizoyibheka. Ngonyaka kuhlaleka izibhamu ezingaphezulu kuka-700 zamaphoyisa. Sikwazi ukuthola izibhamu ezevile ku-22 000 ebezilahlekile ezihlanganisa nezamaphoyisa, nezabantu jikelele. Nendaba yokuthi sifake okuthile emaphoyiseni ukuze sazi ngaso sonke isikhathi ukuthi akuphi, yinto esizoke siyibheke,” kusho uMasemola.
Emhlanganweni kuvele ukuthi nonyaka isabelomali somnyango sizofinyelela ku-R113 billion.
Okunye okuvelile wukuthi ukugada ukhetho lohulumeni basekhaya nolukazwelonke obelungoMeyi nonyaka, beluhlinzekelwe uR290 million.
Izinhlelo zokulwa nobugebengu zihlinzekelwe ngoR38 billion, ukuqapha imingcele kubekelwe uR2.5 billion, izinhlaka ezehlukene emaphoyiseni okubalwa iSpecial Task Force zibekelwe uR82 million, iNational Intervention Units ithole uR804 million, kwathi iTactical Response Teams yathola uR590 million kanti iPublic Order Policing ihlinzekwe ngoR4 billion.
UMchunu uthe kubalulekile ukuthi kubanjiswane ukuze kuphume uhlelo oluhlanganisa uwonke wonke lokulwa nobugebengu.
“Mkhulu umsebenzi esibhekene nawo wokulwa nobugebengu. Uma singahlangene sizobe sihlulekile ukwenza okubhekiwe emphakathini. Abantu yibona okumele basho uma sisebenzile, bakubona ngamehlo ngoba ubugebengu busithinta sonke,” kusho uMchunu.