KUSENZIMA ukwamukela emndenini womfundi kaGrade R waseMsizi Dube Primary eLamontville eThekwini, oshone ngoLwesithathu ngesikhathi imoto kamalume abeyigibela ibandakanyeka engozini.
Kulesi sigameko, kushone yena yedwa uNdumiso Prince Mabika (5), kwalimala kanzima omunye okuthiwa usesimeni esibucayi esibhedlela, kanti abanye belashiwe babuyiselwa emakhaya.
Ugogo kamufi, uNksz Thobekile Mabika uthe isigameko senzeke sekuphume isikole.
Uthe bathole umbiko ngabantu bendawo bethi onengane egibela komalume efunda eMsizi Dube Primary nakwesinye isikole esingumakhelwane akaphuthume endaweni yesigameko, ayobheka ukuthi ayikho yini eyakhe kulezi ezehlelwe yingozi.
“Sifike khona zithathwa ezinye ziphuthunyiswa esibhedlela, sambona uNdumiso elele phansi. Sithe uma sibuza ukuthi kungani yena engahlengwa njengabanye, kwathiwa usethule,” kusho uNksz Mabika.
Uthe abakuzwile ngesikhathi befika endaweni yesigameko ukuthi imoto kamalume iphelelwe amabhuleki.
“Owesifazane obemlandela ngemoto kuthiwa uthe, uze wamshayela amalambu ngoba ebona ukuthi imoto ikhombisa ukuthi ayisalawuleki,” kusho uNksz Mabika.
Uthe lapho okwenzeke khona ingozi babone sengathi ilapho imoto efike yabhajwa khona emva kokuthi ibisizihambela ingalawuleki.
“Sisola ukuthi uNdumiso ubehleli ngasemnyango yena, ngendlela alimale ngayo,” kusho uNksz Mabika.
Uthe umalume obehambisa umzukulu wakhe kanye nezinye izingane esikoleni umuntu osekunesikhathi ebahambisa.
“Asikhumbuli kuthiwa uyaphuza, futhi besingeze singezwa ukuthi imoto yakhe uyilayishe kwaze kweqa ngoba nayizolo kuthiwa bezingu-12 izingane ebeziphakathi,” kusho yena.
Uthe bekungakaze kube khona ukuxhumana phakathi kwabo naye umalume ngoba uzwe ngandlebenye ukuthi ushaywe umphakathi emva kwesigameko.
Uthe abakutholile ukuthi kunowesifazane ozwana naye umalume, obatshele ukuthi umalume ubeshayelela yena.
Ugogo uveze ukuthi uNdumiso ngesikhathi ehamba ekuseni ubengumuntu ozijabulele nje njengenjwayelo ngoba uze wathi kunina, uNksz Buhle Mabika, akangamphelezeli namuhla eya kumalume, uzozihambela.
“Kanti bese kungukumgcina kwethu,” kusho unina, uNksz Mabika.
Kuthiwa ubezidlalela imidlalo ehlukene esikoleni, futhi ethi uzokhula abe wudokotela.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe baphatheke kabi kakhulu bengumnyango ngesigameko.
“Sisanda kuvela oPhongolo lapho nakhona kwashona inqwaba yabafundi bethu, abaneminyaka ecishe ilingane nalo. Kubuhlungu kakhulu uma sizokwehlelwa izigameko ezifana nalezi,” kusho uMlotshwa.
Uthe bafuna ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini, esikoleni somfundi esisuke sesiyikhaya lakhe lesibili nakubo bonke abanye abathintekayo.
Uphinde wanxusa nomalume abathutha izingane zesikole ukuthi bazijwayeze ukuhlonipha imithetho yemigwaqo.
“Asisho ukuthi iphutha kube elakhe, kwazise asikawutholi umbiko ogcwele ehhovisi lesifunda, kodwa siyabanxusa omalume ukuthi abashayele ngokucophelela ngaso sonke isikhathi,” kusho uMlotshwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi ngoLwesithathu ngezithuba zawo-2 ntambama amaphoyisa aseLamontville abizelwe endaweni yesigameko emgwaqweni uMpangele.
“Ingane eneminyaka eyisihlanu ihlonzwe njengeshonile endaweni yesigameko. Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso esiteshini samaphoyisa eLamontville. Amaphoyisa ayaphenya,” kusho uGwala.