KUSOLWA isandla semfene kusha kungqongqa amaloli okusabalalisa amanzi emphakathini kumasipala eMzinyathi izolo.
Lama loli amabili eMercedes Benz kubikwa ukuthi ashele emagcekeni kamasipala lapho epakwa khona abashayeli. IMeya yakulo Masipala, uMnuz Petros Ngubane uthe lamaloli abephakela umphakathi waseNdumeni kanti lo mkhuba basola ukuthi ungaphakathi ngoba bekungelula ukuthi abantu bangaphandle bangene kunonogada.
"Siphatheke kabi ngokushiselwa amaloli aneminyaka emibili nohhafu athengwa. Asiboni ukuthi umlilo uqhamuke ngaphandle, okunye kunamaphoyisa aqapha indawo. Kulokhu kuyasolisa ukuthi kunonyawo lwemfene. Bakhona abasebenzi abazimisele ukulungisa isimo samanzi bese kuba khona abahudula izinyawo bekhokhelwa nemali engaphezulu kwabayisebenzayo," kusho uNgubane.
Eqhuba uthe behlelwa yilo mshophi nje baphezu kwezinhlelo zephalamende labadala nokucacile ukuthi kunenhloso yokubaphazamisa ngezinhlelo zentuthuko. UNgubane uthe yize okwamanje bebengakaziwa abenzi bobubi kodwa sebelufake emaphoyiseni udaba nezinsolo zabo ngalesi sigameko.
"Kuyichilo ukuthi singathi sisabhekene nezingqinamba ezingaka zamanzi bese kuba khona abantu abacekela phansi imizamo. Ngibuhlungu kakhulu ngalesi senzo ngoba sizobuyisela emuva ngokwentuthuko. Sifisa uphenyo lusheshe ukuze abenzi balento bejeze," kusho uNgubane.
UNgubane uthe nezinsolo zokuthi abasebenzi babhekene nengcindezi yokushoda kwezinsiza kusebenza kungamampunge. Lokhu uthe kungesinye sezizathu zokucekela phansi omasipala baseMzinyathi ukuze kuzobukeka sengathi bayehlulekela ukuhlinzeka izakhamizi ngezinhlelo zentuthuko.