NKOSIKHONA CELE
KUPHAZAMISEKE ukukhonza kuqhuma iqupha abazalwane bebandla laseZayoni, iHealing Hour Ministries, bengqimuzana bebanga ukuthi akufanele umfundisi wabo abe nekhemisi lokudayisa izimbiza.
Umholi waleli bandla, uMfu Saziso Ndwandwe ongumthandazi owaziwayo, ubeqeda kumemezela ngezimbiza esepulipiti, kwaba nomsindo kubazalwane, bagcina sebeshayana okuyinto emise nse ukukhonza ebandleni.
Umthombo obukhona ngesikhathi kwenzeka lokhu, uthi ngemuva kokuba uNdwandwe esenze isimemezelo, kube khona amalungu ebandleni ashaye izandla ekhombisa ukumeseka umholi, kwase kuba khona abashaya amakhala bemsola uNdwandwe ngalokhu.
“Kusuke esinamathambo. Kwaze kwaba khona ngisho amalungu ebandla afingqelana izibhakela ashayana. Bekubangwa le ndaba yekhemisi lezimbiza zikaNdwandwe,’’kuchaza umthombo obukhona kwenzeka lokhu.
Kuthiwa uNdwandwe uthwale kanzima ezama ukubhula umlilo. Kuthiwa kuze kwaba khona namalungu ebandla athe ngeke esakhonza kuyena uma kuya ngokuthi uzoqhubeka nokuba nekhemisi lokudayisa izimbiza.
Isolezwe ngoMgqibelo likhulume nelungu lebandla elithe limelene nokuthi umuntu ohola ibandla likaNkulunkulu angaphinde abonakale edayisa izimbiza, aze abe nekhemisi imbala.
“Thina ngesikhathi sijoyina ibandla lakhe sasichazwa yindlela enza ngayo izinto, ebeka phambili umkhuleko. Nabantu ebakhulekela maqede basinde. Kodwa manje le yokuba nekhemisi angifuni ukuqamba amanga iyasicika,’’usho kanjena.
Intatheli imbuzile ukuthi ngesikhathi ejoyina ibandla wayengenalo yini ulwazi lokuthi uNdwandwe ungumuntu osebenza kanjani. Uphendule ngokuthi cha, wayengenalo nhlobo.
Elinye ilungu lebandla lithe kaliyiboni inkinga ekutheni uNdwandwe abe nekhemisi lokudayisa izimbiza.
Lizeseke ngokuthi kakade vele abantu bakaNkulunkulu kumele baphiliswe ngokomoya kusetshenziswa iZwi likaNkulunkulu.
Uthe kodwa kumele kuphinde kulashwe inyama kusetshenziswa amakhambi emvelo.
“Bayaganga laba. Bacabanga ukuthi uNdwandwe uzozwa ngabo. Ngeke baze bakubone lokho,’’kuqhuba umzalwane.
Isolezwe ngoMgqibelo limshayele ucingo uNdwandwe, wavuka ngolaka wathi okwenzeka ebandleni lakhe akudingi ukuthi kubhalwe emaphepheni. Uthe izintatheli akazithembi, ayikho into angayikhuluma nazo.
Usho kanjalo maqede wavala ucingo engavalelisanga. Intatheli iphinde yamthinta ngakusasa, yamnxusa ukuba aphawule. Uvumile ukuthi unalo ikhemisi, wazishaya isifuba ngokuthi izimbiza ezikulona zithakwe ngeqophelo eliphezulu.
Mayelana nokuthi bahlukene phakathi abazalwane ngalo, uthe umuntu unelungelo lokukhonza lapho athanda khona.