IHHOVISI likaMengameli lithi awehle amaphaphu asisibi isimo kuNgqongqoshe kaGesi uDkt Kgosientsho Ramakgopa owehlelwe yingozi yemoto.
IHhovisi likaMengameli lithi uRamakgopa ube sengozini ephuma eNorth West eya eGauteng nabaqaphi bakhe. Isitatimende sikhomba ukuthi nakuba ithintekile imoto ebinongqongqoshe kodwa akalimalanga.
“Bonke abebesemotweni baphuthunyiswe esibhedlela beyoxilongwa kodwa uNgqongqoshe udedeliwe akalaliswanga esibhedlela,’’ kusho isitatimende.
Bathe uNgqongqoshe usesimeni esikahle futhi ufisele bonke abathintekile ukululama ngokushesha. Izikhulu zikahulumeni ezigadwayo sezivamile ukuba sezingozini zomgwaqo. Owayeyiphini likamengameli uMnuz David Mabuza waphuma kukubi emotweni ehlelwe yingozi.
Owayengumengameli uJacob Zuma usanda kuba sengozini yemoto lapho omunye umshayeli kuthiwa washayisa izimoto zakhe. Lo mshayeli waboshwa wavela enkantolo ngecala lokushayela budlabha.
UDkt Ramakgopa uqokelwe esikhundleni ngoMashi ngonyaka odlule kwathiwa uzobhekana ngqo nenkinga kagesi.
Kwaba nomsindo omkhulu ngokuqokwa kwakhe amaqembu aphikisayo ethi kwandiswa ongqongqoshe mahhala nje. Bekuqala emlandweni kahulumeni wakuleli ukuthi kube nongqongqoshe kagesi.
Kwenzeka konke lokhu nje kusanconywa ukuthi ukucinywa kukagesi kusamile.