SEKUNGENELELE uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ngenhloso yokuqeda umbhikisho obusudonse amasonto amabili wamalungu omphakathi waKwaNokweja nowaseMazabekweni.
Umphakathi wakulezi zindawo ngaphansi kukaMasipala uBuhlebezwe ubulokhu ubhikisha, ukhala ngokungawatholi amanzi ahlanzekile.
UNkk Dube-Ncube izolo uhlangane nomphakathi ngenhloso yokulalela aphinde axazulule izikhalo zawo.
UNgqongqoshe uphinde wanxusa ukuthi uphele lo mbhikisho obusudonse amasonto amabili.
“Njengohulumeni wesifundazwe asizibukeli phansi izikhalo zomphakathi, siyaziqonda izikhalo zawo nokubaluleka kokuhanjiswa kwezidingo. Ukwethulwa kohlelo lwamanzi lapha KwaNokweja lubalulekile, futhi kuzosetshenziswa uR40 million kulolu hlelo. Njengoba kusaqhutshekwa nohlelo lokuqokwa kwenkampani ezoqhuba lo msebenzi kuzomele okwamanje kube kufakwa amathangi amanzi emphakathini,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uphinde wagxeka udlame obelubonakala embhikishweni wamalungu omphakathi esifundazweni kubalwa naKwaNokweja.
“Sinxusa imiphakathi yethu ukuba ingazibandakanyi nezenzo zodlame uma izwakalisa izikhalo zayo,
“Ukuphazanyiswa kwenhlalo yabantu kubalwa nokuya ezikoleni kwezingane nokunye ngeke kuze kwabekezelelwa nguhulumeni,” kusho yena.
UNkk Dube-Ncube uthembise umphakathi ukuthi uzobuya azohlola ukuthi lolu hlelo lwamanzi, oluzoqhutshwa uMkhandlu wasiFunda iHarry Gwala, ukuthi luhamba kanjani.
UNkk Nomusa Dube-Ncube uze angenelele nje lo mbhikisho ubusuphazamise nokubhalwa kwezivivinyo ezikoleni ezikule ndawo njengoba kuthiwa othisha abaningi bebengakwazi ukufinyelela ezikoleni.