UNOBHALA-JIKELELE we-ANC, uMnuz Ace Magashule, uthi kunetulo lokuhlasela nokungcolisa amagama abaholi abathile baKhongolose kubalwa naye ngenhloso yokunqinda amandla ombutho.
Engxoxweni ne-eNCA izolo, lapho uMagashule kade ekhuluma ngohlu lwamagama abaholi babo abaya ePhalamende, uthe uma abaholi be-ANC behlaselwa kuwumsebenzi wakhe njengoNobhala-jikelele ukuthi abavikele. Uphike wama ngentaba ukuthi ukhohlakele.
Uthe ubumsulwa bakhe uzobuveza enkantolo njengoba esehlanganise ithimba labameli abaphezulu abazomsiza.
UMagashule uphawule kanje echitha izinsolo zokuthi ukhohlakele okukhulunywa ngazo ebhukwini elibhalwe yintatheli, uPeter-Louis Myburgh elithi The Gangster State.
Uthe uyazi ukuthi kukhona abaqhuba umkhankaso wokuthi akhishwe esikhundleni.
“Abaholi be-ANC bayahlaselwa ngoba kuhloswe ukuthi kubuyiselwe emuva umzabalazo wabantu,” kusho uMagashule.
Uthe lo mkhakhankaso uqhutshwa ngabathile behlangene nabezindaba ukuze kungcoliswe isithunzi se-ANC.
“Bangaki abantu okusolwa ukuthi benza izinto ezithile ezweni lonke ngaphandle kwe-ANC kodwa akushiwo lutho ngabo,” kusho uMagashule.
Uthe yonke le mizamo yokubanyundela ngeke ize iphumelele futhi ngeke ibaphazamise.
“Siyabona futhi ukuthi lo mkhankaso okhona uhlose ukungcolisa abathile ushiye abanye ngamabomu,” kusho uMagashule.
Uthe yena uwumkhiqizo wamagatsha e-ANC akawona umkokotelo.
“Umlando wami emzabalazweni uyaziwa, ngilapho engikhona ngoba ngikhethwe amagatsha, uma esethi awangifuni azongikhipha,” kusho uMagashule.
Uthe beneme ngohlu lwamagama abaholi babo abaya ePhalamende ngoba baqokwe ngamagtsha abo.
UMagashule uzobathathela izinyathelo bonke abantu abathi ukhohlakele.
“Amanga aluhlaza wonke lawo abhalwe ebhukwini ngami, iqiniso lizovela enkantolo,” kusho uMagashule.
Ebuzwa ukuthi akasebenzisanga yini isikhundla sakhe ukuze indodana nendodakazi yakhe bazitamuzela amathenda eFree State, uMagashule uthe izingane zakhe zindala futhi zizimele, wengeza ngokuthi zinelungelo lokuba ngosomabhizinisi.
Uthe umndeni wakwaGupta uwujwayele njengabo bonke abanye abaholi bezombusazwe.
“ONkk Helen Zille, uMnuz Bantu Holomisa, uMnuz Mosiuoa Lekota neNkosi Mangosuthu Buthelezi, bonke sebeke baya emzini wakwaGupta,” kusho uMagashule.
Uthe yena wethulwa emndenini wakwaGupta ngesikhathi sikaMnuz Thabo Mbeki.