UNGQONGQOSHE kagesi uMnuz Kgosientsho Ramokgopa, uthe lide ibanga eselihanjiwe ukulungisa inkinga yokucishwa kukagesi kuleli.
URamokgopa uthe kunenhlansi yethemba ngokuthi le nkinga bazoyinqoba ngoba ugesi awusacishwa njalo.
“Uma ubheka ugesi awusacishwa njalo. Kunenhlansi yethemba ukuthi le nkinga sizoyinqoba. Uhulumeni we-ANC wenza konke okusemandleni ukulungisa le nkinga.”
Ukusho lokhu ekhuluma eCity Hall izolo eKapa njengoba ebethamele inkulumo kamengameli ayibhekise esizweni.
Uthe uyazi ukuthi abantu bafuna kuqedwe nya ngale nkinga yokucishwa kukagesi.
Usho lokhu nje amaqembu amaningi agiya ngenkinga kagesi athi i-ANC ihluleke yancama ukulungisa le nkinga.
Akhala ngokuthi ukucishwa kukagesi kuwisa umnotho wezwe, kuphinde kwenze amabhizinisi athwale kanzima.
Abantu abaningi bebekhala ngokuthi bafuna kulungiswe le nkinga kagesi.
IPhini likaNgqongqoshe wezamanzi nokuthuthwa kwendle uMnuz David Mahlobo, lithe abantu kumele bathole amanzi ahlanzekile.
Ekhuluma nezintatheli eCity Hall, uthe benza konke okusemandleni ukulungisa inkinga yamanzi ebhekene naKwaZulu-Natal, naseThekwini.
Lesi sifundazwe sihlaselwe yinkinga yamanzi. Kwezinye izindawo kuphela izinsuku amanzi engekho.
Omasipala abehlukene bakhala ngengqalasizinda esindala abathe iyona eyenza ukuthi amanzi avuze.
Kukhalwe kakhulu nangamanzi angafinyeleli emphakathini ngenxa yokuthi aphelela emapayipini avuzayo.